Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 10:5 - IsiZulu 2020

5 Izakhamuzi zaseSamariya ziyakwesaba ngenxa yethole laseBhethi Aveni, ngokuba abantu bakhona nabaphristi balo bayakulililela, phela udumo lwalo selushabalele kulo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Abakhileyo eSamariya bayakuba novalo ngenxa yamathole aseBeti Aveni, ngokuba abantu balo bayakulila ngawo, abapristi bezithombe bakhale ngawo ngenxa yodumo lwawo ukuthi lumukile kuwo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Abakhileyo eSamariya bayakwesaba ngenxa yamathole aseBeti Aveni, ngokuba abantu balo bayakulilela nabapristi balo abajabulayo ngalo, ngodumo lwalo, ngokuba lumukile kulo.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 10:5
20 Referans Kwoze  

Udumo luka-Efrayimi luyakundizela kude njengenyoni, kungabi bikho kuthatha sisu, kukhulelwa nakuzala.


“Bethani uphondo eGibheya, nishaye icilongo eRama; nihlabe umkhosi eBhethi Aveni nithi: Baphezu kwakho Bhenjamini!


“Nakuba wena Israyeli ufeba, uJuda makangabi nacala; ungayi eGiligali, ungakhuphukeli eBhethi Aveni, ungafungi ngokuphila kukaSimakade.


Yabulala abaphristi bezithombe, amakhosi akwaJuda ayebaqokile ukuba bashise impepho ezindaweni eziphakemeyo emizini yakwaJuda, nxazonke zeJerusalema, kanye nalabo ababeshisa impepho kuBhali, kulo ilanga, inyanga, izinkanyezi nalo lonke ibandla lasezulwini.


Manje bayaqhubeka nokona, bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo, nezithombe ezibaziweyo ngobungcweti babo, konke lokhu kungumsebenzi wezingcweti, bakhuluma kubo, bathi: “Abenza umhlatshelo kumele bange amathole.”


Ngakho akusikho nje lokhu kuphela ukuthi umsebenzi wethu usengozini yokwedelelwa, kodwa nethempeli likankulunkulukazi omkhulu, u-Artemisi, kuyakuthiwa aliyinto yalutho, nobukhulukazi bakhe buphele nya, yena elimkhonzayo lonke i-Asiya nezwe lonke.”


“Ngiyakwelula isandla sami ngishaye uJuda nabo bonke abakhileyo eJerusalema. Ngiyakuqeda nya insali kaBhali kule ndawo, negama labaphristi bonkulunkulu nabaphristi babo,


Wazimisela abaphristi bezindawo eziphakemeyo, abezimbuzi nabamathole ayewabumbile.


Bayishiya yonke imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabili, benza nezigxobo zika-Ashera, bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBhali.


Kepha akasukanga ekulandeleni izono zikaJerobhowamu, indodana kaNebhathi, onisa ngazo u-Israyeli, namathole egolide ayeseBhethele nakwaDani awasuswanga.


Wathi: “Nithathe onkulunkulu bami engazenzela bona, nomphristi, nahamba, ngisele nani-ke mina? Pho ningibuzelani ukuthi: ‘Kwenzenjani, na?’ ”


UJoshuwa wathumela amadoda esuka eJerikho eya e-Ayi, umuzi owawuseduzane neBhethi Aveni ngasempumalanga yeBhethele, wathi kuwo: “Khuphukani niyohlola izwe.” Amadoda ahamba, awuhlola umuzi i-Ayi.


“Manje nicabanga ukuthi nizokwazi ukumelana nobukhosi bukaSimakade obusesandleni samadodana kaDavide, wena nalesi sixuku esikhulu kangaka, futhi kunamathole egolide enenzelwa wona nguJerobhowamu ukuba abe ngonkulunkulu benu.


Bayazikhothamela, baguqe kanyekanye; azinakuwukhulula umthwalo, kodwa nabo luqobo baya ekuthunjweni.


Israyeli, ungajabuli, ngokuthokoza okufana nokwabezizwe, ngokuba uzifebele wena, wahlubuka kuNkulunkulu wakho, wathanda inkokhelo yesifebe kuzo zonke izibuya zokusanhlamvu.


“Ngokuba mhla ngimjezisa u-Israyeli ngeziphambeko zakhe, ngiyakudiliza nama-althare eBhethele, nginqume nezimpondo ze-althare, ziwele phansi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite