Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 10:4 - IsiZulu 2020

4 Bakhuluma amazwi nje, bafunga amanga, benza isivumelwano; bese kuqubuka ukwehlulela njengesithombo esinobuthi emiseleni yamasimu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bakhuluma amazwi nje, befunga amanga, benza isivumelwano; bese kumila ukwahlulela njengenhlungunyembe emiseleni yamasimu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bakhuluma amazwi, bafunga amanga ngokwenza isivumelwano; ngakho ukwahlulela kuyahluma njengomhlambi emiseleni yasendle.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 10:4
16 Referans Kwoze  

Amahhashi angagijima yini emadwaleni na? Kungalinywa yini lapho ngezinkabi na? Ngokuba nihlanekezele ubulungiswa baba ngubuthi, nesithelo sokulunga saba ngumhlonyane,


“Nina enihlanekezela ubulungiswa bubabe njengomhlonyane, nilaxaze phansi ukulunga;


“Kukhona ukuqalekisa nokukhohlisa, ukubulala, nokweba, nokuphinga, bayadlebeleka, kugobhoza igazi.


Qaphelisisani ukuba kungabi bikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande yimbe ebabayo, inidunge, abaningi bangcole ngenxa yayo.


abangenalo uthando, abangavumi ukubuyisana, abahlebayo, abangenakuzithiba, abayizidlwangudlwangu, abazonda okuhle,


abanangqondo, abathembekile, abanaluthando, futhi abanasihe.


ngokuba ngiyabona ukuthi ugcwele umona futhi uyisigqila sobubi.”


Kodwa basephulile isivumelwano njengo-Adamu; bangathembeka kimi ngalokho.


Isivini sikaSimakade Wamabandla yindlu ka-Israyeli, bonke abantu bakwaJuda bayisithombo sakhe esithandekayo; walindela ubulungiswa, kodwa kwachitheka igazi; wabheka ukulunga, kodwa kwaba ngukukhala.


funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela uSimakade uNkulunkulu wethu namuhla ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, bese kuba khona phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nokubabayo,


USimakade wathi kuMose: “Bheka, usuzoyolala noyihlomkhulu; laba bantu bayakusuka, bayophinga nonkulunkulu babezizwe abasezweni abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bayakungishiya, basaphule isivumelwano engisenze nabo.


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo lusuku, ngiyakubashiya, ngibafulathele; bayakudliwa, behlelwe yizinhlekelele nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo lusuku: ‘Lezi zinhlupheko azisehlelanga yini ngoba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite