Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 10:3 - IsiZulu 2020

3 Impela, manje bayakuthi: “Asinankosi, ngokuba asimesabanga uSimakade; pho inkosi ibizosenzelani na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Yebo, manje bayakuthi: “Asinankosi, ngokuba asimesabanga uJehova; kepha inkosi ingasenzelani na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba manje bayakuthi: ‘Asinankosi, ngokuba asimesabanga uJehova; khona-ke inkosi ingasenzani?

Gade chapit la Kopi




Hoseya 10:3
14 Referans Kwoze  

Kuyokwenziwa kanjalo nakuwe Bhethele, ngenxa yokonakala okukhulu; inkosi yakwa-Israyeli iyobhujiswa iphele nya entathakusa.”


Ngakunika inkosi ngentukuthelo yami, ngayithatha ngolaka lwami.


ISamariya nenkosi yalo kuyomuka njengebazela lintanta emanzini.


Kepha bamemeza, bathi: “Msuse, msuse, mbethele esiphambanweni!” Wathi kubo uPilatu: “Ngibethele inkosi yenu na?” Abaphristi abakhulu baphendula, bathi: “Asinayo inkosi, kuphela uKhesari.”


“Kungani manje usukhala ubuqanduqandu na? Awunayo yini inkosi, noma useshabalele yini umeluleki wakho, ngoba usubanjwe yimihelo njengobelethayo na?


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bayakuhlala izinsuku eziningi bengenankosi, benganasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.


Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.


“Abayukubuyela eGibhithe, i-Asiriya libe yinkosi yabo, njengoba benqaba ukuphenduka na?


Kodwa uma nenza okubi niyobhubha nenkosi yenu.”


Labo abathi: “Thina sigabe ngolimi lwethu. Sisho umathanda ngalo. Pho iphi le nkosi ethi ingasiphatha na?”


abathi: “Makaphangise, asheshise umsebenzi wakhe ukuze siwubone; malisondele, lifike icebo loNgcwele ka-Israyeli, ukuze sazi!”


UShalumi, indodana kaJabheshi, waba yinkosi ngonyaka wama-39 wokubusa kuka-Uziya, inkosi yakwaJuda, wabusa inyanga yaba yinye vo, eSamariya.


Kuhle ukuphephela kuSimakade, kunokwethemba izikhulu.


Iphi inkosi yakho manje ukuze ikusindise kuyo yonke imizi yakho, na? Baphi abaholi bakho, wena owathi ngabo: “Nginike inkosi nabaholi” na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite