Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 10:11 - IsiZulu 2020

11 U-Efrayimi uyisithole esifundisiweyo, esithanda ukubhula okusanhlamvu; ngizomgaxa ijoka entanyeni yakhe enhle, u-Efrayimi ngimdonsise, uJuda alime, uJakobe azicubuzele amagade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 U-Efrayimi uyisithole esifundisiweyo, esithanda ukubhula amabele; kepha mina ngiyekile intamo yaso enhle; sengiyakumbophela u-Efrayimi, uJuda alime, uJakobe azidubele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Futhi u-Efrayimi unjengethokazi elifundisiwe futhi elithanda ukubhula ukolweni; kodwa ngadlula phezu kwentamo yakhe enhle; Ngiyakumkhwelisa u-Efrayimi; UJuda uyakulima, uJakobe aphule amagabade akhe.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 10:11
13 Referans Kwoze  

Ngokuba u-Israyeli unenkani njengesithole esinenkani; pho uSimakade angabelusa kanjani njengewundlu lemvu emadlelweni abanzi na?


“Noma ningathokoza, niqhoshe, nina baphangi befa lami; noma ningagxumagxuma njengesithokazi otshanini obuluhlaza, nikhalise okwamahhashi anamandla;


“Ungayifaki inkabi isimfonyo, uma ibhula.”


ngokuba abanjalo abayizo izikhonzi zeNkosi yethu uKhristu, kepha bakhonza isisu sabo; kuthi ngamazwi ashelelayo nathophayo badukise izinhliziyo zabangenacala.


Ngabadonsa ngezintabo zomuntu, ngamagoda othando; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngakhothamela kuye, ngamnika ukudla.


Israyeli, ungajabuli, ngokuthokoza okufana nokwabezizwe, ngokuba uzifebele wena, wahlubuka kuNkulunkulu wakho, wathanda inkokhelo yesifebe kuzo zonke izibuya zokusanhlamvu.


USimakade wathi kimi: “Hamba futhi, umthande owesifazane osethandwa ngomunye, nakuba ephingile. Mthande njengalokhu uSimakade ethanda abantu bakwa-Israyeli, noma sebephendukele kwabanye onkulunkulu, bathanda amakhekhe anamagilebhisi omisiwe.”


Unina wazifebela, wabakhulelwa ngokwenza ihlazo, ngokuba wathi ngizakuhamba ngilandele izithandwa zami, ezingipha isinkwa sami namanzi ami, uboya bami bezimvu nefilakisi lami, amafutha ami nokuphuzwayo kwami.


Ngabe abalimi balima njalo bangayeki na? Badubuza amagabade, bambe imigodi na?


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ngizobeka ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe, ukuba zimkhonze uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, yebo, ziyakumkhonza, futhi ngimnikile nezilwane zasendle.’ ”


“IGibhithe liyisithokazi esihle kakhulu, kodwa kunesibawu esivela enyakatho, esizakulithelekela.


Sukuma ubhule, ndodakazi yaseZiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze zibe yithusi; uyakuqothisisa izizwe eziningi.” Uyakwethula inzuzo yazo nomcebo wazo kuSimakade, iNkosi yomhlaba wonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite