Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hoseya 10:10 - IsiZulu 2020

10 Kuyakuthi uma sengithanda, ngibajezise. Izizwe ziyakubahlanganyela lapho zibabopha ngeziphambeko zabo eziphindwe kabili.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Lapho ngithanda, ngiyabajezisa; abantu babahlanganyele ekubabopheleni ebubini obubili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kusesifiso sami ukuthi ngibajezise; futhi abantu bayobuthana ngokumelene nabo uma bebabopha emiseleni yabo emibili.

Gade chapit la Kopi




Hoseya 10:10
20 Referans Kwoze  

“ ‘Intukuthelo yami iyakuphela-ke, nganelise ulaka lwami ngabo. Ngiyakuphindisela kubo. Bayakukwazi-ke ukuthi Mina Simakade, ngikhulumile ngomhawu wami, lapho sengikuphelelisile ukuthukuthela kwami kubo.


Kuyakuba kanje kubantu kanjalo nakumphristi: ngiyakubajezisa ngenxa yezindlela zabo, ngibajezise ngezenzo zabo.


“Ngokuba, niyabona, ngizakuthumela abadobi abaningi babadobe,” usho kanje uSimakade, “ngithumele nabazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo wonke amagquma, nasemifantwini yamadwala.


Ngakho inkosi yathukuthela, yathumela amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa nomuzi wabo.


Noma ngabe sebezithengise kwabezizwe, kepha manje sengiyakubaqoqa, sebeqala ukonda ngenxa yomthwalo wenkosi yezikhulu.


“Beka uphondo emlonyeni wakho; onjengokhozi wehlela indlu kaSimakade, ngokuba basephulile isivumelwano sami, bamelana nomthetho wami.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngiyakuletha kubo isixuku esiyakumelana nabo, ngibanikele ekusatshisweni nasekuphangweni.


“Ngalokho-ke ngamnikela esandleni sezithandwa zakhe, esandleni sabase-Asiriya abakhanukelayo.


Ngiyakulubohlisa ulaka lwami kuwe, ngisuse umona wami kuwe, ngibe nokuthula, ngingabe ngisakuthukuthelela futhi.


ngakho-ke bheka, ngiyakuziqoqa zonke izithandwa zakho ozithokozise ngazo, zonke ozithandileyo, nazo zonke ozizondileyo; ngiyakuziqoqela kuwe zivela kuzo zonke izindawo, ngizembulele ubunqunu bakho ukuba zibubone bonke.


‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngiyakuziguqula izikhali zokulwa ezisezandleni zenu, enilwa ngazo nenkosi yaseBhabhele namaKhaledi anivimbezeleyo, angaphandle kogange, ngizozibuthela phakathi kulo muzi.


Wena ungishiyile,” kusho uSimakade, “wabuyela emuva; ngiselulile isandla sami kuwe, ngakubhubhisa, ngikhathele ukukuhawukela.


Ngakho-ke iNkosi uSimakade Wamabandla, uSomandla ka-Israyeli, uthi: “Impela ngizothululela ulaka lwami ezitheni zami, ngiziphindiselele kuzo.


Kuyothi njengalokhu uSimakade wayejabula ngani ukuba anenzele okuhle nokunenza nande, kanjalo uSimakade uyojabula ngani lapho esenibhubhisa, nishatshalaliswe, nidwengulwe ezweni eningena kulo ukuba nilidle.


“Israyeli, selokhu wona kusukela ezinsukwini zaseGibheya. Bahlala lapho; impi nabantu bobubi ayiyukubafica eGibheya na?


Inkosi yathola iseluleko, yenza amathole amabili egolide, yathi kwabakwa-Israyeli: “Sekwanele manje ukuba nilokhu nikhuphukela eJerusalema; manje nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula eGibhithe.”


Ungayibophela yini inyathi ukuba ilime, noma ihlelembe esigodini emva kwakho na?


Umoya ubasongile ngamaphiko awo, bayakujabha ngemihlatshelo yabo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite