Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 2:9 - IsiZulu 2020

9 “Inkazimulo yakamuva yale ndlu iyakuba nkulu kuneyakuqala,” kusho uSimakade Wamabandla. “Ngiyakuletha ukuthula kule ndawo,” kusho uSimakade Wamabandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 ‘Inkazimulo yokugcina yale ndlu iyakuba nkulu kuneyokuqala,’ usho uJehova Sebawoti, ‘nginike ukuthula kule ndawo,’ usho uJehova Sebawoti.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Inkazimulo yale ndlu yokugcina iyakuba nkulu kuneyokuqala,” usho uJehova Sebawoti; kulendawo ngizanika ukuthula,” kutsho uJehova uSomandla.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 2:9
20 Referans Kwoze  

Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


“Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami nginipha khona. Ukunipha kwami akufani nokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, futhi ingesabi.


ULizwi waba ngumuntu, wahlala phakathi kwethu. Sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo yozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”


Bazalwane bami, ukukholwa yiNkosi yethu uJesu Khristu, iNkosi yenkazimulo, makungabi nokukhetha abantu.


Walithumela izwi kubantu bakwa-Israyeli, eshumayela ivangeli lokuthula ngaye uJesu uKhristu; okunguYena oyiNkosi yabo bonke.


Lokhu kuyakuba ngukuthula: kuyakuthi lapho i-Asiriya litheleka ezweni lethu, linyathela ezinqabeni zethu, simelane nalo ngabelusi abayisikhombisa nangezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.


Yonke imihlambi eKedari iyoqoqelwa kuwe, nezinqama eNebhayothi ziyakukukhonza, ziyakukhuphukela e-althare lami ngokuthanda kwami; ngiyenze ibe yinhle indlu yodumo lwami.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakwelulela kulo ukuthula njengomfula, nenkazimulo yezizwe njengomfudlana okhukhulayo, niyoncela, niphathwe ngezingalo zalo, nitotoswe nisemathangeni.


Khuphukelani entabeni, nilethe izingodo, nakhe indlu, ukuze nami ngithokoze ngayo, ngihlonishwe,’ ” kusho uSimakade.


‘Ngubani phakathi kwenu osasele owayibona le ndlu ebukhazikhazini bayo bakuqala na? Niyayibona ukuthi isinjani manje? Ayifani yini nento eyize emehlweni enu na?


‘Kepha Mina, ngiyakuba lugange lomlilo kulo oluluzungeze ngimbi ci, futhi ngibe yinkazimulo kulo,’ kusho uSimakade.


UMoya wangiphakamisa, wangingenisa egcekeni elingaphakathi; bheka, inkazimulo kaSimakade yayigcwalisa indlu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite