Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 2:19 - IsiZulu 2020

19 Isekhona yini imbewu enqolobaneni na? Imivini, imikhiwane, amahananadi, iminqumo akuthelanga. Kodwa kusukela ngalolu lusuku ngiyakukubusisa.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Imbewu isesibuyeni na? Qha, imivini, nemikhiwane, namapomegranati,* neminqumo akuthelanga; kepha kusukela kulolu suku ngiyakukubusisa.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Imbewu isekhona yini esiphaleni na? yebo, umvini, nomkhiwane, nomhalananda, nomnqumo, akukatheli; kusukela namuhla ngizokubusisa.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 2:19
19 Referans Kwoze  

Lethani konke okweshumi endlini yengcebo, ukuze kube nokudla endlini yami, ake ningivivinye ngalokhu, ukuthi ngeke yini nginivulele amafasitela asezulwini, nginithululele isibusiso kuze kungabi bikho ndawo eyanele,” kusho uSimakade Wamabandla.


Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.


Simakade Wamabandla, ubusisiwe okwethembayo.


Niyomnika ngokwevile, nangenhliziyo ekhululekile ngesikhathi nimnika, ngokuba ngenxa yalokho uSimakade uNkulunkulu wakho uyowubusisa wonke umsebenzi wenu, nakho konke enibeka isandla senu kukho.


U-Isaka watshala imbewu kulelo lizwe, kwathi ngawo lowo nyaka wavuna isivuno esikhulu kakhulu. USimakade wambusisa,


Kufana namazolo eHermoni ehlela ezintabeni iZiyoni. Ngokuba uSimakade wayaleza khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade.


Bayakufika behlabelela ngokujabula, esicongweni seZiyoni bayakuthakasa ngenxa yokuhle abazokuphiwa nguSimakade; okusanhlamvu, iwayini, amafutha, amazinyane ezimvu namankonyane ezinkomo; umphefumulo wabo uyakuba njengensimu eniseliweyo, bangabe besaba nosizi nanini.


Ngiyakwenelisa umphefumulo wabaphristi ngamanoni, abantu bami basuthe ngokuhle okuvela kimi,” kusho uSimakade.


Umvini ubunile, nomkhiwane womile; amahananadi, amasundu, izihlahla zamahhabhula nemithi yonke yasendle kubunile, impela intokozo iphelile kubantwana babantu.


Ngubani owaziyo uma engabuya axolele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo kuSimakade uNkulunkulu wenu na?


USimakade uyokushaya ngalezi zifo: isifuba, umkhuhlane, ukushisa komzimba, imfiva, ukushisa okukhulu, isikhutha kanye nenkemba; kuyokuxosha uze ubhubhe uphele.


Ungayethemba yini ukuthi ingayibuyisa imbewu yakho, iyibuthele esibuyeni sakho na?


Ngase ngibiza isomiso sibe phezu kwezwe, phezu kwezintaba, phezu kokusanhlamvu, phezu kwewayini elisha, phezu kwamafutha amasha, phezu kokuvezwa ngumhlabathi, phezu kwabantu, phezu kwemfuyo, naphezu kwawo wonke umshikashika wezandla.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite