Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 2:16 - IsiZulu 2020

16 ngaleso sikhathi lapho umuntu eya endundumeni yezilinganiso ezingama-20, kodwa kube lishumi nje, nalapho eya emiphongolweni yewayini lezilinganiso ezingama-50, kodwa athole elezingama-20 kuphela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 kusukela kulezo, lapho kwayiwa enqwabeni yezilinganiso ezingamashumi amabili, kwakuyishumi nje, nalapho kwayiwa ezikhamweni zewayini ukukha izitsha ezingamashumi ayisihlanu, kwakungamashumi amabili nje.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kusukela kulezo zinsuku lapho umuntu efika enqwabeni yezilinganiso ezingamashumi amabili, kwakukhona eziyishumi kuphela; lapho kufika amanoni esikhamo ukuba akhiphe izitsha ezingamashumi ayisihlanu emshinini, zazingamashumi amabili kuphela.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 2:16
9 Referans Kwoze  

Nitshale okuningi, kodwa navuna okuncane; niyadla kepha anisuthi; niyaphuza, kodwa ananeliswa; niyembatha, kepha anifudumali, othola umholo uwufaka esikhwamemi esibhobokile.’


Uma ningaleli, uma ningazimiseli enhliziyweni ukuhlonipha iGama lami, ngiyakunithumelela isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, impela sengiziqalekisile, ngokuba anizimisele enhliziyweni, kusho uSimakade Wamabandla.


Ngokuba ama-eka alishumi esivini ayakuthela ibhathi libe linye, ihomere lembewu lithele i-efa nje.”


Ukuthokoza nokujabula kususiwe ensimini, nasezweni lakwaMowabi. Ngalenza laphela iwayini ezikhamweni; akusayukunyathelwa ngokujabula, ukumemeza akuseyikho ukumemeza.


“Ngakho-ke ake nibeke enhliziyweni yenu, kusukela ngalolu lusuku kuqhubeke, ukuthi kwakunjani kungakabekwa itshe phezu kwelinye ethempelini likaSimakade,


Nganishaya ngokuhwamuka, ngesikhunta, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite