Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 2:12 - IsiZulu 2020

12 Uma umuntu ephethe inyama engcwelisiweyo ingasemphethweni wengubo yakhe, bese ethinta ngomphetho wakhe isinkwa, noma ukudla okuphekiwe, noma iwayini noma amafutha noma ngabe yikuphi ukudla, sekuyakuba ngcwele yini na?’ ” Abaphristi baphendula bathi: “Cha.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Uma umuntu ephethe inyama engcwele emphethweni wengubo yakhe, ethinta ngomphetho wakhe isinkwa, noma ukudla, noma iwayini, noma amafutha, noma yikuphi ukudla, kuyakuba ngcwele na?’ ” Abapristi baphendula bathi: “Qha.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Uma umuntu ephethe inyama engcwele esiqeshini sengubo yakhe, athinte isinkwa noma okuphuzwayo noma iwayini noma amafutha nanoma iyiphi enye inyama, ingabe kufanele kube ngcwele? Abapristi baphendula bathi: Hatshi.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 2:12
8 Referans Kwoze  

“Zimpumputhe, yikuphi okukhulu phakathi komnikelo ne-althare elingcwelisa umnikelo na?


Noma yini eyothinta inyama yawo iyoba ngcwele; lapho igazi lawo lichaphazeleke engutsheni, uyoyigeza endaweni engcwele ingxenye yengubo echaphazelekile.


Kuyothi lapho bephumela egcekeni elingaphandle, okuyigceke labantu, bazikhumule izembatho zabo abakhonza ngazo, bazibeke emakamelweni angcwele, bagqoke ezinye izingubo, funa bangcwelise abantu ngezembatho zabo.


Bonke abesilisa abangabaphristi bayowudlela endaweni engcwele. Ungcwelengcwele.


Uyakudliwa yibo bonke abesilisa phakathi kwabaphristi; ungcwelengcwele.


I-althare uyolenzela ukubuyisana izinsuku eziyisikhombisa, ulingcwelise, libe ngcwele kakhulu, ukuze kuthi konke okulithintayo nakho kube ngcwele.”


Bafundisa uJakobe izehlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; babeka impepho phambi kwamakhala akho, nomnikelo oshiswa wonke e-althare lakho.


Izimpukane ezifile zenza amakha abe nephunga elibi; kanjalo nobuwula obuncane buyakwedlula ukuhlakanipha nodumo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite