Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 1:8 - IsiZulu 2020

8 Khuphukelani entabeni, nilethe izingodo, nakhe indlu, ukuze nami ngithokoze ngayo, ngihlonishwe,’ ” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Khuphukelani entabeni, nilethe imithi, nakhe indlu; ngiyakuyenamela, ngikhazimuliswe,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Khuphukani entabeni, nilethe imithi, nakhe indlu; ngiyakuthokoza ngalo, ngikhazimulise,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 1:8
21 Referans Kwoze  

Abantu bakhokhela ababazi bamatshe, nababazi bokhuni, nabakhi imali; banika amaSidoni nabaseThire ukudla, okuphuzwayo namafutha ukuze balande imisedari eLebhanoni, bayilethe olwandle eJopha, ngokwemvume kaKhoresi, inkosi yasePheresiya.


Le ndlu ngiyiqokile ngayingcwelisa ukuba igama lami libe kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba kuyo njalo.


“Ngiyakunyakazisa zonke izizwe, kufike okuyigugu kwazo zonke izizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo,” kusho uSimakade Wamabandla.


USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku.


Ngiyohlangana nabantu bakwa-Israyeli lapho, leyo ndawo iyakungcweliswa yinkazimulo yami.


“Inkazimulo yakamuva yale ndlu iyakuba nkulu kuneyakuqala,” kusho uSimakade Wamabandla. “Ngiyakuletha ukuthula kule ndawo,” kusho uSimakade Wamabandla.


ukuze nincele, naneliswe ngamabele ezinduduzo zalo; ukuze nincele nizidelise ngokwenama ekugcwaleni kwenkazimulo yalo.”


“Inkazimulo yaseLebhanoni iyakuza kuwe, umsayiphuresi, ishoba nomkhoba konke kanyekanye, kuyohlobisa indawo yendlu yami engcwele, ngiyikhazimulise indawo yezinyawo zami.


Yonke imihlambi eKedari iyoqoqelwa kuwe, nezinqama eNebhayothi ziyakukukhonza, ziyakukhuphukela e-althare lami ngokuthanda kwami; ngiyenze ibe yinhle indlu yodumo lwami.


Izindonga zibe imigqa emithathu yamatshe, omunye phezu komunye, bese zilandelwa ngowodwa wezingodo ezintsha. Izindleko mazikhishwe esikhwameni sengcebo yendlu yenkosi.


Kwathi ngonyaka wama-480 emveni kokuphuma kwaba-Israyeli eGibhithe, ngonyaka wesine wokubusa kukaSolomoni phezu kwabakwa-Israyeli, ngenyanga kaZivi eyinyanga yesibili, waqala ukwakha indlu kaSimakade.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Bekani inhliziyo yenu ezindleleni zenu.


Ngakho-ke nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu, nifune uSimakade uNkulunkulu wenu. Sukani nakhe indawo engcwele kaSimakade uNkulunkulu, ukuze kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu kuleyo ndlu eyokwakhelwa igama likaSimakade.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite