Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 1:6 - IsiZulu 2020

6 Nitshale okuningi, kodwa navuna okuncane; niyadla kepha anisuthi; niyaphuza, kodwa ananeliswa; niyembatha, kepha anifudumali, othola umholo uwufaka esikhwamemi esibhobokile.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Nihlwanyele okuningi, ningenise okuncane; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha anisuthi ngokuphuzwayo; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; noholayo uhola ngokuwaphonsa esikhwameni esinezimbobo.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 1:6
31 Referans Kwoze  

“Benilindele okuningi, kodwa niyabona-ke, nithole okuncane, lapho nikuyisa ekhaya, ngakuphephetha. Ngobani na?” Kubuza uSimakade Wamabandla. “Ngoba indlu yami iyincithakalo, kodwa nina niyagijima, kube yilowo nalowo endlini yakhe.


“Bayakudla, kodwa bangasuthi, bayakufeba, kodwa bangandi, ngokuba bamshiyile uSimakade,


ngaleso sikhathi lapho umuntu eya endundumeni yezilinganiso ezingama-20, kodwa kube lishumi nje, nalapho eya emiphongolweni yewayini lezilinganiso ezingama-50, kodwa athole elezingama-20 kuphela.


“Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; uhlanga alunantshakaza, alukhiqizi mpuphu; uma luyikhiqiza, iyakushwabadelwa ngabafokazi.


Uma ningaleli, uma ningazimiseli enhliziyweni ukuhlonipha iGama lami, ngiyakunithumelela isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, impela sengiziqalekisile, ngokuba anizimisele enhliziyweni, kusho uSimakade Wamabandla.


Ngokuba ama-eka alishumi esivini ayakuthela ibhathi libe linye, ihomere lembewu lithele i-efa nje.”


Ngokuba ngaphambi kwalezo zinsuku kwakungekho nkokhelo yamuntu, kungekho nkokhelo yezilwane, kungekho kuthula kophumayo noma kongenayo ngenxa yesitha, ngokuba nganiqatha ukuze kube yilowo nalowo alwe nomakhelwane wakhe.


‘Ngiyakusithumela, singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami. Siyakuhlala phakathi endlini yakhe, siyishabalalise nezingodo zayo namatshe ayo.’ ”


Kepha selokhu sayeka ukushisela impepho indlovukazi yezulu, nokuyethulela iminikelo yokuphuzwayo, seswele konke, sibulawa yinkemba nayindlala.


Abalimi banamahloni, bamboze amakhanda abo, ngenxa yomhlabathi ogcwele izimfa, ngokuba akufikanga mvula ezweni.


nezwe elivundileyo laba wugwadule lukasawoti ngenxa yobubi yababehleli kulo.


Ifa lendlu yakhe liyoshabalala, linyamalale ngosuku lwentukuthelo kaNkulunkulu.


Kuyothi kusamhambela kahle, ehlelwe yizinhlupheko; izandla zabo bonke abahluphekayo ziyakuza kuye.


Kepha wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, anginalo iqebelengwane, okukhona nje inkeshezana yempuphu esembizeni, nengcosana yamafutha ophisweni. Uyabona-ke, sengizitholele izinkuni ezimbili ukuze ngihambe ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sidle, sife.”


Kwaba khona indlala, ezinsukwini zikaDavide, iminyaka emithathu ilandelana. UDavide wafuna ubuso bukaSimakade. USimakade wathi: “Lokhu kungenxa kaSawule nendlu yakhe abachitha igazi, ngokuba babulala abaseGibheyoni.”


Lapho nginephuca ukudla okunisimamisile, abesifazane abalishumi bayakubhaka isinkwa eziko elilodwa. Bayakunilinganisela lapho besiletha kini, nidle ningasuthi.


Isithukuthuku senu siyophelela obala; izwe lenu aliyukuthela lutho, nemithi ekulo ayiyukuthela zithelo.


Ngokuba kwakukhona labo ababethi: “Thina namadodana ethu namadodakazi ethu sibaningi, masithole okusanhlamvu ukuze sidle, siphile.”


Bahlwanyela ukolo, bavune ameva; bazikhandlile, kodwa abazuzanga lutho. Yebo, dumalani ngenxa yezithelo zenu ngenxa yokuvutha kolaka lukaSimakade.”


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Bekani inhliziyo yenu ezindleleni zenu.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Bekani inhliziyo yenu ezindleleni zenu.


Ngalokho-ke kungenxa yenu isibhakabhaka sigodle amazolo, nomhlabathi ugodle isivuno sawo.


Nganishaya ngokuhwamuka, ngesikhunta, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


“Iqoma lakho liyakuqalekiswa, kuqalekiswe nomkhombe wakho wokuxovela isinkwa.


Ophanayo wandelwa yingcebo yakhe, kodwa oncishanayo uzibangela ubuphofu bodwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite