Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 1:14 - IsiZulu 2020

14 USimakade wavuselela umoya kaZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nomoya wensali yonke yabantu, beza, basebenza endlini kaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wabo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UJehova wavuselela umoya kaZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, nomoya wensali yonke yabantu, bafika, benza umsebenzi endlini kaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UJehova wawuvusa umoya kaZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa, indodana kaJehosadeki, umpristi omkhulu, nomoya wayo yonke insali yabantu; beza, basebenza endlini kaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo;

Gade chapit la Kopi




Hagayi 1:14
19 Referans Kwoze  

Ngonyaka wokuqala wokubusa kukaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuze kufezeke izwi likaSimakade alikhuluma ngomlomo kaJeremiya, uSimakade wavusa umoya kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba imemezele embusweni wayo wonke, futhi kulotshwe ukuthi:


makanihlomise ngakho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, enza kithina lokho okuthandekayo kuye ngoJesu Khristu; makube kuye inkazimulo, kuze kube phakade naphakade. Amen.


“Tshela uZerubhabhele umbusi wakwaJuda, uthi: ‘Ngizonyakazisa amazulu nomhlaba,


Ngonyaka wesibili wokubusa kukaDariyu inkosi, ngenyanga yesithupha, ngosuku lokuqala enyangeni, kwafika izwi likaSimakade ngesandla sikaHagayi umphrofethi kuZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, lathi:


Kwase kuthi izinhloko zemindeni yakwaJuda nezakwaBhenjamini, abaphristi nabaLevi, nabo bonke izinhliziyo zabo uNkulunkulu azithinta, balungiselela ukuhamba beyokwakha indlu kaNkulunkulu eJerusalema.


Ngonyaka wokuqala kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuze kugcwaliseke izwi likaSimakade alikhuluma ngoJeremiya, uSimakade wavusa umoya kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, yase ishaya umthetho kuwo wonke umbuso wayo, yakhipha isimemezelo esibhaliweyo, esasithi:


UNkulunkulu ka-Israyeli wavusa umoya kaPhuli, inkosi yase-Asiriya, nomoya kaThiligathi Philineseri, inkosi yase-Asiriya, babathumba abakwaRubeni, abakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase, babayisa eHala, eHabhori, eHara, nasemfuleni iGozani, kuze kube namuhla.


“Ake ukhulume kuZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nakuyo insali yabantu, uthi:


Saqhubeka nokwakha, saphumelela ukulwakha kabusha ugange lwaze lwaphakathi nendawo ubude, ngoba abantu babenomdlandla wokusebenza.


“Makwazeke enkosini ukuthi siyile esifundazweni kwaJuda, endlini kaNkulunkulu omkhulu eyakhiwe ngamatshe amakhulu, kwafakwa namapulangwe ezindongeni. Lowo msebenzi uqhubeka ngesineke, bayaphumelela ukuwenza.


Emveni kwalokho uZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa, indodana kaJozadakhi, baqala ukwakha kabusha indlu kaNkulunkulu eJerusalema, besizwa ngabaphrofethi.


Kepha makabongwe uNkulunkulu obeke enhliziyweni kaThithu le nkuthalo ngani,


Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilileyo, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


UZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJoshuwa, indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nayo yonke insali yabantu, balilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wabo namazwi kaHagayi umphrofethi, njengoba uSimakade uNkulunkulu wabo ayemthumile. Abantu besaba phambi kukaSimakade.


Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.


ngosuku lwama-24, ngenyanga yesithupha, ngonyaka wesibili wokubusa kwenkosi uDariyu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite