Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Hagayi 1:11 - IsiZulu 2020

11 Ngase ngibiza isomiso sibe phezu kwezwe, phezu kwezintaba, phezu kokusanhlamvu, phezu kwewayini elisha, phezu kwamafutha amasha, phezu kokuvezwa ngumhlabathi, phezu kwabantu, phezu kwemfuyo, naphezu kwawo wonke umshikashika wezandla.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngase ngibiza ukoma phezu kwezwe, naphezu kwezintaba, naphezu kwamabele, naphezu kwewayini elisha, naphezu kwamafutha, naphezu kokuvezwa ngumhlaba, naphezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwayo yonke imisebenzi yezandla.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngabiza isomiso phezu kwezwe, naphezu kwezintaba, naphezu kukakolweni, naphezu kothuli, naphezu kwamafutha, naphezu kwalokho okuvezwa ngumhlabathi, naphezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwawo wonke umsebenzi wezandla.

Gade chapit la Kopi




Hagayi 1:11
13 Referans Kwoze  

Nganishaya ngokuhwamuka, ngesikhunta, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


USimakade uyokushaya ngalezi zifo: isifuba, umkhuhlane, ukushisa komzimba, imfiva, ukushisa okukhulu, isikhutha kanye nenkemba; kuyokuxosha uze ubhubhe uphele.


U-Elisha wayekhulume kowesifazane ayevuse indodana yakhe yaphila, wathi: “Suka uhambe nabendlu yakini, uyohlala lapho ungahlala khona, ngokuba uSimakade ubikezele ukuthi kuzokuba nendlala ezohlasela izwe iminyaka eyisikhombisa.”


U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”


owakhe isigodlo sakhe esinamakamelo aphezulu ezulwini, ukwendlaleka kwaso kusekelwe emhlabeni, obiza amanzi olwandle, awathululele phezu komhlaba, nguSimakade igama lakhe.


INkosi uSimakade yangibonisa kanje: Bheka, iNkosi uSimakade yaphaka impi ngomlilo; wangqongqisa ekujuleni okukhulu, washisa nengxenye.


lowo owenza isilimela nomthala, oguqula ubumnyama bube yintathakusa, aphendule ubusuku bube yimini, obiza amanzi olwandle, awathululele phezu komhlaba, igama lakhe nguSimakade,


“Bangizwile ngibubula, kepha akekho ongiduduzile. Zonke izitha zami zizwile ngosizi lwami, zajabula ukuthi nguwe ongenze nje. Lwenze lufike lolo suku owamemezela ngalo, zenze nazo zifane nami.


Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,


“UJuda uyalila, amasango akhe awile, balilela izwe; ukukhala kweJerusalema kwenyukele phezulu.


Niqalekisiwe ngesiqalekiso, niyangiqola sizwe ngothi lwenu.


“Ngiyakunivimbela isikhonyane ukuba singaziqothuli izitshalo zenu ezivela emhlabathini, nemivini yenu ingabi ngengatheliyo emasimini,” kusho uSimakade Wamabandla.


Isekhona yini imbewu enqolobaneni na? Imivini, imikhiwane, amahananadi, iminqumo akuthelanga. Kodwa kusukela ngalolu lusuku ngiyakukubusisa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite