Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 9:4 - IsiZulu 2020

4 UMoridekhayi waba ngumuntu omkhulu esigodlweni, nodumo lwakhe lwanda kuzo zonke izifundazwe, waqhubeka njalo waba ngumuntu onamandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba uMoridekayi wayemkhulu endlini yenkosi, nodumo lwakhe lwahamba ezifundeni zonke, ngokuba lowo muntu uMoridekayi wayelokhu ekhula njalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba uMoridekayi wayemkhulu endlini yenkosi, nodumo lwakhe lwaphumela ezifundeni zonke, ngokuba lowo muntu uMoridekayi waba mkhulu ngokuba mkhulu.

Gade chapit la Kopi




Esteri 9:4
14 Referans Kwoze  

UDavide waqhubeka njalo wakhula, ngokuba uSimakade Wamabandla wayenaye.


Kwaba khona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaDavide nendlu kaSawule. UDavide wadlondlobala ngamandla, kodwa indlu kaSawule yaya ngokuya iba ntekenteke.


Uyabona-ke, ngaleso sikhathi ngiyakubhekana ngqo nabo bonke abakuhluphayo, ngisindise abaqhugayo, ngiqoqe abaxoshiweyo, ngibenze babe nodumo negama abahlazeka emhlabeni wonke.


Indlela yabalungileyo injengokukhanya kokusa okuqhubeka kukhanye kuze kube semini.


Wangikhulula kubantu abangivukelayo. Wangimisa ngaba yinhloko yezizwe, abantu engingabazi bangikhonza.


Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.


Igama likaDavide laphumela emazweni wonke; uSimakade wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.


“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.


USimakade wayenaye uJoshuwa, udumo lwakhe lwagcwala ezweni lonke.


Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke iSiriya. Baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlungu, ababehlukunyezwa futhi bekhwelwe ngamadimoni, abanesithuthwane, nababefe uhlangothi, wabaphulukisa.


Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.


Zonke izinto ezinkulu, nezimangalisayo azenzayo, nendaba yonke yokukhushulelwa kukaMoridekhayi esikhundleni esikhulu, kubhaliwe emilandweni yamakhosi amaMediya namaPheresiya.


USimakade wabenzela umusa abantu phambi kwabaseGibhithe. Ngaphezu kwalokho uMose uqobo wayeyindoda eqavileyo eGibhithe, naphambi kwezinceku zikaFaro, naphambi kwabantu.


Batshalwe endlini kaSimakade, bamilile emagcekeni kaNkulunkulu wethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite