Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 9:31 - IsiZulu 2020

31 futhi bagcine izinsuku zomkhosi wePhurimi ngesikhathi esifaneleyo, njengoba umJuda uMoridekhayi nendlovukazi u-Esteri bakuqinisekisa kubaJuda, njengalokhu bazibophezela nezizukulwane zabo maqondana nemithetho ephathelene nokuzila neyokulila.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 ukuba aqinise lezo zinsuku zePhurimi ngezikhathi zazo ezinqunyiweyo njengokuzimisa kukaMoridekayi umJuda no-Esteri inkosikazi, nanjengalokho bezimisele bona nenzalo yabo ngendaba yokuzila ukudla nokukhala kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 ukuze kuqinise lezo zinsuku zePhurimi ngezikhathi zazo ezimisiweyo, njengalokho uMoridekayi umJuda no-Esteri indlovukazi babayala, nanjengoko bezinqumile bona nenzalo yabo, izindaba zokuzila ukudla nokubiza kwabo.

Gade chapit la Kopi




Esteri 9:31
4 Referans Kwoze  

Kuzo zonke izifundazwe lapho kwafinyelela khona izwi lenkosi nomthetho wayo, kwaba nomsindo wokulila okukhulu kubaJuda; bazila ukudla, bakhala, balila, iningi labo lalala phansi ligqoke indwangu eyisaka, lazithela ngomlotha.


“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”


UJeremiya wamlilela uJosiya. Bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bayakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla. Bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe ezililweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite