Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 9:3 - IsiZulu 2020

3 Bonke ababusi bezifundazwe, iziphathimandla, izikhulu, ababusi nabaphathi benkosi beseka abaJuda, ngokuba nabo base bengenwe ngukwesaba uMoridekhayi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Zonke izikhulu zezifunda, nawothulasizwe, nababusi, nabenza umsebenzi wenkosi, babasiza abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngoMoridekayi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bonke ababusi bezifunda, nezinduna, nezikhulu, nezikhulu zenkosi babasiza abaJuda; ngoba ukwesaba uMoridekayi kwabehlela.

Gade chapit la Kopi




Esteri 9:3
9 Referans Kwoze  

Bayethula kubabusi nezikhulu zesifundazwe esisentshonalanga yeYufrathe incwadi ababeyinikwe yinkosi, nabo beseka abantu nendlu kaNkulunkulu.


UNebukhadinezari, inkosi, wathumela, waqoqa izikhulu, ababusi, izinduna, abehluleli, abaphathizikhwama, abomkhandlu, nabameli, nabo bonke abaphathizifunda ukuba beze ekwehlukaniselweni kwesithombe uNebukhadinezari, inkosi, asimisileyo.


Ngaleso sikhathi kwase kubizwa ababhali benkosi. Kwakuwusuku lwama-23, ngenyanga yesithathu ebizwa ngokuthi uShivani. Bayalwa ukuba babhale noma yini uMoridekhayi abayala ukuba bayibhalele abaJuda ababesembusweni ka-Ahasheveroshi, neziphathimandla, nababusi, nezikhulu ezazikuzo zonke izifundazwe eziyi-127, kusuka eNdiya kuya eKhushe. Izincwadi bazibhala ngolimi lwaleso naleso sizwe, ngokwehlukana kwazo, nangokubhala kwazo, nakubaJuda, ngokubhala kwabo nangolimi lwabo.


wathi: “Uma kukuhle enkosini, ngifumene umusa kuyo, futhi uma kulungile phambi kwayo, ngicela ibhale umyalelo wokuhoxisa icebo likaHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, owabhala izincwadi zokuthi kubhujiswe abaJuda abahlala kuzo zonke izifundazwe zenkosi.


Kuthe ngosuku lwe-13 ngenyanga yokuqala, kwabizwa bonke onobhala benkosi. UHamani wabayala ukuba babhale konke ayebatshela khona, bakuhumushele kuzo zonke izilimi, ezincwadini eziya kuzo zonke izifundazwe, bese bekuthumelela iziphathimandla zenkosi, nababusi, nabaholi babantu, nakuzo zonke izifundazwe; kwabhalwa egameni lenkosi u-Ahasheveroshi, kwasicilelwa ngendandatho yayo.


bafika noZerubhabhele, uJeshuwa, uNehemiya, uSeraya, uRehelaya, uMoridekhayi, uBhilishani, uMisiphari, uBhigivayi, uRehumi noBhahana. Inani lamadoda akwa-Israyeli lalimi kanje:


Kulowo nalowo muzi, nakuleso sifundazwe, lapho izwi lenkosi nomthetho wayo kwase kufinyelele khona, kwaba nenjabulo nentokozo, abaJuda benedili, nosuku oluhle, bejabulile. Abantu abaningi bendawo baphenduka baba ngabaJuda, ngoba base bebesaba abaJuda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite