Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 9:28 - IsiZulu 2020

28 Lezo zinsuku kufanele zikhunjulwe futhi zigcinwe yizizukulwane ngezizukulwane kuyo yonke imindeni, izifundazwe nemizi. Izinsuku zePhurimi akumele zephulwe phakathi kwabaJuda, nokukhunjulwa kwazo kungapheli phakathi kwezizukulwane zabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 zikhunjulwe lezo zinsuku, zigcinwe ezizukulwaneni ngezizukulwane, emindenini ngemindeni, ezifundeni ngezifunda, emizini ngemizi, lezo zinsuku zePhurimi, zingaphuthi phakathi kwabaJuda, nesikhumbuzo sazo singapheli enzalweni yabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 nokuthi lezi zinsuku kufanele zikhunjulwe futhi zigcinwe yizo zonke izizukulwane ngezizukulwane, nezifunda ngezifunda nawo wonke umuzi; nokuthi lezi zinsuku zePhurimi zingashabalali phakathi kwamaJuda, futhi inkumbulo yazo ingashabalali enzalweni yawo.

Gade chapit la Kopi




Esteri 9:28
9 Referans Kwoze  

Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, ungaze wakhohlwa yimisebenzi yakhe yonke yomusa,


nithi kuzo: ‘Amanzi omfula iJordani anqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaSimakade lapho kuwela umphongolo eJordani; lawa matshe ayisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”


Umqhele uyakuba ngokaHelemi, uThobiya, uJedaya, uHeni, indodana kaZefaniya, kube yisikhumbuzo ethempelini likaSimakade.


Niyogubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngokuba ngalolo lusuku ngakhipha amaviyo enu eGibhithe. Lolu lusuku niyolugubha lube ngumkhosi omisiweyo phakade izizukulwane ngezizukulwane.


abaJuda bakwenza kwaba ngumthetho wabo, nezizukulwane zabo, nanoma ngubani osephenduke umJuda, ukuthi ngesikhathi esifaneleyo ngonyaka lezo zinsuku ezimbili zigcinwe njengokusho komyalelo kaMoridekhayi, kungaphuthi.


Indlovukazi u-Esteri, indodakazi ka-Abhihayili, benoMoridekhayi babhala izincwadi, bayiqinisekisa iPhurimi ngamandla ababegunyazwe ngawo.


Isizukulwane siyakuyibabaza kwesinye imisebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite