Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 9:27 - IsiZulu 2020

27 abaJuda bakwenza kwaba ngumthetho wabo, nezizukulwane zabo, nanoma ngubani osephenduke umJuda, ukuthi ngesikhathi esifaneleyo ngonyaka lezo zinsuku ezimbili zigcinwe njengokusho komyalelo kaMoridekhayi, kungaphuthi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 abaJuda banquma bamukela, bona nenzalo yabo, nabo bonke ababezihlanganisa nabo, ukuthi bayakugcina lezo zinsuku zombili njengokubhalwa kwazo nanjengesikhathi sazo esinqunyiweyo iminyaka yonke, bangaphuthi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 AmaJuda anquma futhi azithathela wona kanye nenzalo yawo nabo bonke abazihlanganisa nawo, ukuze kungapheli, ukuthi bagcine lezi zinsuku ezimbili njengemibhalo yabo nangesikhathi sazo esimisiwe unyaka nonyaka;

Gade chapit la Kopi




Esteri 9:27
18 Referans Kwoze  

“Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noSimakade ngalolo lusuku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, uyakukwazi ukuthi nguSimakade Wamabandla ongithume kuwe.


Nabezizwe abazihlanganisa noSimakade ukuba bamkhonze, nokulithanda igama likaSimakade ukuba babe yizinceku zakhe, zonke ezigcina isabatha, zingaloni, nezibambelela esivumelwaneni sami,


Indodana yowezizwe ezihlanganise noSimakade mayingathi: “Impela uSimakade uyakungehlukanisa nabantu bakhe,” nomthenwa angathi: “Bheka, ngingumuthi owomileyo.”


Kulowo nalowo muzi, nakuleso sifundazwe, lapho izwi lenkosi nomthetho wayo kwase kufinyelele khona, kwaba nenjabulo nentokozo, abaJuda benedili, nosuku oluhle, bejabulile. Abantu abaningi bendawo baphenduka baba ngabaJuda, ngoba base bebesaba abaJuda.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda alishumi, avela kuzo zonke izilimi zabezizwe, ayakubamba umphetho wengubo yomuntu wakwaJuda, athi: ‘Masihambe nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”


Wabayala ukuba usuku lwe-14 nolwe-15, lwenyanga u-Adari, bazigcine zibe yizinsuku zokugubha umkhosi minyaka yonke.


Kwenzeka kanjalo kusukela ngalolo lusuku kuqhubeka, wakwenza lokho kwaba yisimiso nomthetho kwa-Israyeli kuze kube namuhla.


UJoshuwa wenza nazo isivumelwano sokuthula, eziqinisekisa ukuthi aziyukufa. Abaholi bebandla lakwa-Israyeli bafunga nabo ukuthi abayukuzibulala.


USimakade akasenzanga lesi sivumelwano nobaba, wasenza nathi, thina sonke esilapha, esisaphila namuhla.


UMoridekhayi waloba zonke lezo zinto phansi. Wababhalela izincwadi bonke abaJuda ababehlala kuzo zonke izifundazwe zenkosi u-Ahasheveroshi, ezikude neziseduze.


Lezo zinsuku kufanele zikhunjulwe futhi zigcinwe yizizukulwane ngezizukulwane kuyo yonke imindeni, izifundazwe nemizi. Izinsuku zePhurimi akumele zephulwe phakathi kwabaJuda, nokukhunjulwa kwazo kungapheli phakathi kwezizukulwane zabo.


Kuyoba yisimiso esifanayo saphakade ebandleni, kini nakumfokazi ogogobeleyo kini, ezizukulwaneni zenu; njengani uyoba njalo umfokazi phambi kukaSimakade.


yonke iminyaka, amadodakazi akwa-Israyeli ahambe ayolilela indodakazi kaJeftha wakwaGileyadi izinsuku ezine.


Bayobeka ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa yimisebenzi kaNkulunkulu, ukuze bagcine imiyalo yakhe.


Abantu abaningi bayofika, bathi: “Wozani senyukele entabeni kaSimakade, endlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuphuma eZiyoni, nezwi likaSimakade, eJerusalema.


Uyakuzikhumbula izindlela zakho, ube namahloni, lapho wemukela odadewenu, omdala kunawe nomncane kunawe, ngikunike bona babe njengamadodakazi, kodwa hhayi ngenxa yesivumelwano sami nawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite