Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 9:18 - IsiZulu 2020

18 Kepha abaJuda ababehlala eShushani bahlangana ngomhla zili-13, nangomhla zili-14, baphumula mhla zili-15, lolo suku balwenza usuku lwedili nentokozo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kepha abaJuda ababe seShushani babuthana ngolweshumi nantathu lwayo nangolweshumi nane lwayo; ngolweshumi nanhlanu lwayo baphumula, balwenza lwaba lusuku lwedili nolokuthokoza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kepha abaJuda ababeseShushani babuthana ngolweshumi nantathu nangolweshumi nane; ngosuku lweshumi nanhlanu lwaso baphumula, balwenza lwaba usuku lwedili nolokuthokoza.

Gade chapit la Kopi




Esteri 9:18
7 Referans Kwoze  

Wabayala ukuba usuku lwe-14 nolwe-15, lwenyanga u-Adari, bazigcine zibe yizinsuku zokugubha umkhosi minyaka yonke.


AbaJuda bahlala eShushani, babuye bahlangana nangosuku lweshumi nane lwenyanga u-Adari, babulala amadoda angama-300 eShushani, kodwa abazange bathathe mpango.


U-Esteri waphendula, wathi: “Uma kukuhle enkosini mayigunyaze abaJuda abahlala eShushani, benze nakusasa njengokomthetho wanamuhla, amadodana kaHamani alishumi aphanyekwe ezigxotsheni zokuphanyeka.”


Lwaze lwafika usuku lwamanqamu, mhla zilishumi nantathu ngenyanga u-Adari, olwalubhalwe esimemezelweni senkosi, usuku izitha zabaJuda ezazilumisele ukushaya icole ngalo kubaJuda, kanti kuzophenduka izikhuni, kube ngabaJuda abazobusa phezu kwazo.


Ngalolo lusuku, umbiko ngenani lalabo ababebulewe enhlokomuzi iShushani, wethulelwa inkosi,


Kulezo zincwadi kwakubhalwe ukuthi abaJuda, emizini yonke babevunyelwe ukuba bahlangane, bazivikele, babulale, babhubhise amabutho esifundazwe abahlaselayo, izingane nabesifazane, baphange nezimpahla zabo,


Kuzo zonke izifundazwe zenkosi u-Ahasheveroshi, nakuyo yonke imizi lapho kwakuhlala khona abaJuda, abaJuda bahlangana ukuzobulala bonke ababekade befuna ukubabhubhisa. Akukho namunye owayezomelana nabaJuda, ngokuba zonke izizwe zase zibesaba kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite