Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 9:14 - IsiZulu 2020

14 Inkosi yayaleza ukuba kwenziwe lokho; umthetho washaywa eShushani, amadodana alishumi kaHamani aphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Inkosi yasho ukuba kwenziwe kanjalo; umthetho washaywa eShushani; bawaphanyeka amadodana ayishumi kaHamani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Inkosi yasilaya ukuthi kube njalo, kwaphuma umlayo eSusa; bawaphanyeka amadodana ayishumi kaHamani.

Gade chapit la Kopi




Esteri 9:14
9 Referans Kwoze  

U-Esteri waphendula, wathi: “Uma kukuhle enkosini mayigunyaze abaJuda abahlala eShushani, benze nakusasa njengokomthetho wanamuhla, amadodana kaHamani alishumi aphanyekwe ezigxotsheni zokuphanyeka.”


AbaJuda bahlala eShushani, babuye bahlangana nangosuku lweshumi nane lwenyanga u-Adari, babulala amadoda angama-300 eShushani, kodwa abazange bathathe mpango.


UBhileyamu wabona u-Amaleki, wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “U-Amaleki wayengowokuqala ezizweni, kodwa isiphetho sakhe ngukubhujiswa.”


“Ngishaya umthetho othi: noma yimuphi umuntu wakwa-Israyeli, noma abaphristi bakhona, noma abaLevi abasembusweni wami abathanda ukuya eJerusalema, bangahamba nawe.


UHaribhona omunye wabathenwa ababephambi kwenkosi, wathi: “Kunesigxobo sokuphanyeka eside uHamani asimisele ukuphanyeka kuso uMoridekhayi, indoda eyasindisa impilo yakho, nkosi; singamakhubhithi angama-50 ubude.” Inkosi yayaleza, yathi: “Mphanyekeni kuso!”


Base bemphanyeka esigxotsheni sokuphanyeka, uHamani ayekade esilungiselele uMoridekhayi. Yayisibohla intukuthelo enkosini.


Izikhohlakali ziyobhujiswa, ziphele nya, kodwa indlu yabalungileyo iyokuma njalo.


Uma umuntu ezele abantwana abayikhulu, aphile iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa angathokozeli izinto ezinhle empilweni, futhi angangcwatshwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,


UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite