Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 7:7 - IsiZulu 2020

7 Inkosi yasukuma yashiya idili, yaphuma ithukuthele ibila, yaya engadini yasesigodlweni. UHamani wasala encenga indlovukazi u-Esteri ukuba angabulawa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Yayisisukuma inkosi ngolaka lwayo edilini lewayini, yaya ensimini yendlu yenkosi; uHamani wasukuma ukunxusa u-Esteri inkosikazi ngokuphila kwakhe, ngokuba wabona ukuthi usenqunyelwe okubi yinkosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Inkosi yasukuma ngolaka lwayo edilini lewayini, yaya ensimini yesigodlo; uHamani wasukuma ukuba acele ukuphila kwakhe ku-Esteri inkosikazi; ngoba wabona ukuthi inkosi yayinqume okubi phezu kwakhe.

Gade chapit la Kopi




Esteri 7:7
14 Referans Kwoze  

Ukuthukuthela kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihe sayo sinjengamazolo otshanini.


Kodwa indlovukazi uVashiti yenqaba ukuza njengoba kwakuyaleze inkosi kubathenwa. Lokho kwayenza inkosi yathukuthela kakhulu, yabhodla umlilo.


Lalela-ke, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane labo abazishaya abaJuda bengesibo, kodwa beqamba amanga. Ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Khona uNebukhadinezari wathukuthela wafa, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa kaShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sibaselwe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okwejwayeleke ukuba sibaselwe ngakho.


Amadodana alabo abakuhluphileyo ayoza kuwe ekhokhoba, ekuhlonipha, nabo bonke abakwedelelayo bayokhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi nguMuzi kaSimakade neZiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


Ababi bakhothama phambi kwabalungileyo, nezikhohlakali, emasangweni abalungileyo.


Isikhohlakali siyokubona lokho, sicasuke, siququde imihlathi, sidangale; isifiso sababi siyobhuntsha.


Ngakho yazi-ke, ubone ukuthi uzokwenzenjani, ngokuba ububi buyayinyonyobela inkosi yethu nendlu yayo yonke, kwazise ingumuntu ongazihloniphi ukuba umuntu angakhuluma nayo.”


UJonathani wathi: “Ungakucabangi nakukucabanga lokho, ngoba uma kukhona nokuncane nje okubi engazi ukuthi kuhlongozwa ngubaba ngawe, bengingeke yini ngikutshele ngakho na?”


Uma uyihlo ethi: ‘Kulungile,’ inceku yakho iyobe iphephile, kodwa uma ethukuthela ebila, uyokwazi ukuthi usophe ukuyenzakalisa.


Ekupheleni kwalezo zinsuku, inkosi yenzela bonke abantu ababelapho eShushani, inhlokomuzi yayo, idili, abantukazana nezikhulu; idili elathatha izinsuku eziyisikhombisa yalenzela egcekeni lengadi yesigodlo sayo.


Base bemphanyeka esigxotsheni sokuphanyeka, uHamani ayekade esilungiselele uMoridekhayi. Yayisibohla intukuthelo enkosini.


Isisa senkosi sisencekwini ehlakaniphileyo, kepha intukuthelo yayo ikulabo abenza okuyihlazo.


Intukuthelo yenkosi ifana nezithunywa zokufa, kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite