Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 7:3 - IsiZulu 2020

3 Indlovukazi u-Esteri yaphendula, yathi: “Uma ngifumene umusa kuwe nkosi, futhi kukuhle kuwe, mangibuyiselwe ukuphila kwami nokwabantu bakithi, yileso isicelo sami, yilokho engikucelayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wayesephendula u-Esteri inkosikazi, ethi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi, noma kukuhle enkosini, mangiphiwe ukuphila kwami ngesicelo sami nokwesizwe sakithi ngokufuna kwami,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Indlovukazi u-Esteri yasiphendula yathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi, futhi uma kukuhle enkosini, mangiphiwe ukuphila kwami ngokucela kwami nakubantu bami ngokucela kwami.

Gade chapit la Kopi




Esteri 7:3
9 Referans Kwoze  

uyothi kubo: ‘Ngizinxusele enkosini ukuba ingangibuyiseli endlini kaJonathani, funa ngifele khona.’ ”


USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Uma nje ungathinta inyama yakhe uyobona. Konke umuntu anakho angakunikela ukuze asindise ukuphila kwakhe.


Inkosi yasukuma yashiya idili, yaphuma ithukuthele ibila, yaya engadini yasesigodlweni. UHamani wasala encenga indlovukazi u-Esteri ukuba angabulawa.


UMoridekhayi wamnika ifuzela lesimemezelo esasibhalwe sakhishwa eShushani ukuba kubhujiswe abaJuda, ukuze alikhombise u-Esteri, bese emyala ukuthi aye enkosini ayonxusela abantu bakubo.


Yabuye yathumela induna yesithathu yabangama-50 inama-50 ayo. Yakhuphuka leyo nduna yesithathu, yafike yaguqa phambi kuka-Eliya, yamncenga, yathi: “Muntu kaNkulunkulu ngiyakunxusa, ukuphila kwami nokwalezi zinceku zakho ezingama-50 makube yigugu emehlweni akho.


Izinceku zakhe zathi kuye: “Sizwile ukuthi amakhosi endlu yakwa-Israyeli angamakhosi anomusa; ake sibhince indwangu eyisaka okhalo lwethu nezintambo emakhanda ethu, siphume siye enkosini yakwa-Israyeli; mhlawumbe iyakusindisa ukuphila kwakho.”


uma ngingathola umusa kuwe nkosi, ungenzele engikucelayo nengikunxusayo, makuthi inkosi noHamani beze kusasa edilini engizobe ngibalungisele lona, ngizobe sengenza njengokusho kwenkosi.”


wathi: “Uma kukuhle enkosini, ngifumene umusa kuyo, futhi uma kulungile phambi kwayo, ngicela ibhale umyalelo wokuhoxisa icebo likaHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, owabhala izincwadi zokuthi kubhujiswe abaJuda abahlala kuzo zonke izifundazwe zenkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite