Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 6:13 - IsiZulu 2020

13 Waxoxela umkakhe nabo bonke abangani bakhe ngento eyayimehlele. Labo bangani bakhe abahlakaniphile nomkakhe, bathi kuye: “Njengoba uMoridekhayi engumJuda, ukuwa kwakho sekuqalile. Ngeke ukwazi ukumelana naye ubuso nobuso, impela uzokuqumba phansi.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UHamani walandisa uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe konke okumehleleyo. Zase zithi kuye izihlakaniphi zakhe noZereshi umkakhe: “Uma uMoridekayi oqale ukuwa phambi kwakhe engowenzalo yabaJuda, awuyikumahlula, kepha uyakuwa nokuwa phambi kwakhe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UHamani wamtshela uSeresi umkakhe nabo bonke abangane bakhe ngakho konke okumehleleyo. Izazi zakhe noSeresi umkakhe zathi kuye: “Uma uMoridegayi oqale ukuwa phambi kwakhe engowenzalo yabaJuda, awuyikumhlula, kepha uyakuwa nokuwa phambi kwakhe.

Gade chapit la Kopi




Esteri 6:13
16 Referans Kwoze  

Ohamba ngobuqotho uzophepha, kepha ohamba ngezindlela ezigwegwile uyokuwa kwenye yazo.


Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.


Ekuseni uFaro wakhathazeka emoyeni wakhe, wathumela ukuba kubizwe zonke izanusi, nazo zonke izihlakaniphi zaseGibhithe, wabatshela ngamaphupho akhe, kodwa akekho namunye owakwazi ukumchazela wona.


ezinsukwini ezintathu uFaro uzokunquma ikhanda, akuphanyeke esigxotsheni, izinyoni zezulu zidle inyama yakho.”


Ngalokho inkosi yathukuthela, yafutheka kakhulu, yayaleza ukuba kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo baseBhabhele.


“Ngizizwile izinto eziningi ezinjengalezi, nonke ningabaduduzi ababi.


Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa, kumkhungatha njengenkosi ezilungiselele ukuya empini,


Inceku yamlandisa u-Isaka ngakho konke ekwenzileyo.


Wacutha njengengonyama, walala phansi njengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na? “Mababusiswe bonke abakubusisayo, baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”


“Wamthola ezweni eliyihlane, nasoqwathuleni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.


ethi: “Ningabathinti abagcotshiweyo bami, ningabalimazi abaphrofethi bami.”


USimakade uyakudla uJuda abe yifa lakhe, nesabelo sakhe ezweni elingcwele, abuye alikhethe iJerusalema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite