Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 6:12 - IsiZulu 2020

12 UMoridekhayi wayesephindela esangweni lesigodlo, kodwa uHamani washesha waqonda emzini wakhe, ezemboze ubuso ngenxa yokuhlazeka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UMoridekayi wabuyela esangweni, kepha uHamani waphuthuma ekhaya ekhala, embozile ikhanda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UMoridekayi wabuye wafika esangweni lenkosi; Kepha uHamani waphuthuma endlini yakhe, elila, ezimboze ikhanda.

Gade chapit la Kopi




Esteri 6:12
14 Referans Kwoze  

UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yemihlwathi, wenyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engafake zicathulo. Bonke abantu ababenaye bagubuzela, yilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka bekhala.


ukuthi ukujabula kwezikhohlakali kufushane, nokuthokoza kwabangenankulunkulu kungokomzuzwana nje na?


U-Ahabi waya esigodlweni sakhe ehluneme futhi ethukuthele ngenxa yezwi uNabothi waseJizreyeli ayelikhulume kuye, lokuthi: “Angiyukukunika ifa lokhokho bami.” Walala embhedeni, wabheka eceleni, akaze adla lutho.


Umhlaba unikelwe esandleni sezikhohlakali, uyabumboza ubuso babehluleli bawo, uma kungesiye, pho ngubani na?


Kuthe lapho inkosi ibuya engadini yasesigodlweni, ingena endlini yedili, yafica uHamani ewele embhedeni okwakucambalele kuwo u-Esteri, yathi: “Awunamahloni okubhudukeza indlovukazi phambi kwami, esigodlweni sami pho?” Ithe ingasho lawo mazwi inkosi, abathenwa baphuthuma bemboza ubuso bukaHamani.


Lapho izintombi ziqoqwa okwesibili, uMoridekhayi wayehleli esangweni lenkosi.


U-Azariya, umphristi omkhulu, nabo bonke abanye abaphristi bambuka; bheka, wayenochoko ebunzini lakhe. Bamkhipha lapho ngokushesha; naye uqobo washesha waphuma, ngokuba wabona ukuthi uSimakade umshayile.


Inkosi yakwa-Israyeli yaphindela esigodlweni sayo ihluneme futhi ithukuthele, yase iya eSamariya.


Kuthe lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi iseluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, wabuyela ekhaya, emzini wakhe. Wafika khona wahlela izindaba zomuzi wakhe, wayesezilengisa, wafa, wangcwatshwa ethuneni likayise.


USamuweli walala kwaze kwasa, wavula iminyango yendlu kaSimakade. USamuweli wesaba ukumtshela u-Eli umbono.


UHamani wayesethatha ingubo nehhashi, wagqokisa uMoridekhayi, wamgibelisa ehhashini, wamusa esigcawini somuzi ehamba phambi kwakhe ememeza, ethi: “Bhekani, uyokwenzelwa lokhu umuntu inkosi ethanda ukumdumisa nokumklomelisa!”


Wathi kuye: “Ngikhulume noNabothi waseJizreyeli, ngathi kuye: ‘Nginike isivini sakho ngikukhokhele ngesiliva; uma uthanda-ke ngiyakukunika esinye isivini esikhundleni saso,’ kepha wathi: ‘Angiyukukunika isivini sami.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite