Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 6:1 - IsiZulu 2020

1 Ngalobo busuku inkosi yaqwasha, yase iyala ukuba kulethwe kuyo umqulu womlando okubhalwe kuwo izehlakalo zemihla ngemihla zombuso wayo, zafundwa phambi kwenkosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngalobo busuku ubuthongo babaleka enkosini, yayala ukuba kulethwe incwadi yezikhumbuzo zezindaba zemihla ngemihla, zafundwa phambi kwenkosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngalobo busuku inkosi ayizange ilale ubuthongo, yayala ukuba kulethwe incwadi yemilando; zafundwa phambi kwenkosi.

Gade chapit la Kopi




Esteri 6:1
12 Referans Kwoze  

Inkosi yase iya esigodlweni sayo, yadlulisa ubusuku izila; izinsimbi ezibethwayo azilethwanga kuyo, ayizange ibuthi quthu ubuthongo.


Ngonyaka wesibili wokubusa kukaNebukhadinezari, uNebukhadinezari waphupha amaphupho; umoya wakhe wakhathazeka, wayeseqwasha.


Lwaphenywa lolo daba kwatholakala ukuthi luyiqiniso, ngakho-ke laba bathenwa ababili balengiswa esiphanyekweni. Le ndaba yabhalwa phansi emilandweni yenkosi phambi kwayo.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


“Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kodwa abawafumani, ulimi lwabo lugagadekile wukoma; Mina Simakade ngiyakubaphendula, Mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyukubashiya.


Zonke izinto ezinkulu, nezimangalisayo azenzayo, nendaba yonke yokukhushulelwa kukaMoridekhayi esikhundleni esikhulu, kubhaliwe emilandweni yamakhosi amaMediya namaPheresiya.


U-Abhrahama wabiza igama laleyo ndawo ngokuthi: “KukwaSimakade uyabonelela,” njengoba kushiwo nanamuhla kuthiwa: “Entabeni kaSimakade kuyabonelelwa.”


Kuthi lapho abamesabayo uSimakade uma bekhuluma bodwa omunye nomunye; uSimakade akulalelisise, akuzwe lokho, bese kubhalwa phambi kwakhe encwadini yokukhumbula abamesabayo uSimakade, labo abalihloniphayo iGama lakhe.


uma ngingathola umusa kuwe nkosi, ungenzele engikucelayo nengikunxusayo, makuthi inkosi noHamani beze kusasa edilini engizobe ngibalungisele lona, ngizobe sengenza njengokusho kwenkosi.”


Wayesesuka uMoridekhayi wayobikela indlovukazi u-Esteri, yona yabikela inkosi ngaleyo ndaba eyayiyitshelwe nguMoridekhayi.


Ngelinye ilanga uMoridekhayi ehleli esangweni lesigodlo, uBhigithana noThereshi, abathenwa ababili ababeqapha isango lendlu yenkosi, babenokukhononda ngenkosi, ngakho-ke benza uzungu lokuyibulala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite