Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 5:11 - IsiZulu 2020

11 waqhosha ngomcebo wakhe omkhulu, namadodana amaningi, nezikhundla zonke inkosi embeke kuzo, nokuthi imenze wamkhulu phezu kwezikhulu nabaholi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UHamani wabalandisa udumo lwengcebo yakhe, nobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi emkhulisile kukho, nalokho emphakamisile kukho phezu kwezikhulu nezinceku zenkosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UHamani wabalandisa ngenkazimulo yengcebo yakhe, nangobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi eyamkhulisa ngakho, nokuthi uziphakamisile ngaphezu kwezikhulu nezinceku zenkosi.

Gade chapit la Kopi




Esteri 5:11
19 Referans Kwoze  

Emveni kwalezo zinto, inkosi u-Ahasheveroshi yaqokela esikhundleni esiphezulu uHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, yamenza umengameli wazo zonke izikhulu ezikanye naye.


Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho.


UJakobe wezwa ukuthi amadodana kaLabani ayakhononda, athi: “UJakobe useqole ubaba konke obekungokwakhe, nale ngcebo yonke anayo uyithole ngezinto obekungezikababa.”


Abethusa abafundi lawo mazwi akhe. UJesu waqhubeka wathi: “Bantwana, kulukhuni kakhulu ukungena embusweni kaNkulunkulu.


Inkosi yathatha, yathi: “Angithi yileli Bhabhele elikhulu engilakhileyo ukuba libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami na?”


Ngokuba azishaya isifuba, ethi: ‘Ngabe bonke abakhuzi bempi bami abasiwo amakhosi na?


labo abethembela engcebeni yabo, baqhoshe ngobuningi bomcebo wabo na?


Izinsuku eziningi ezaba yi-180, yayibukisa ngomcebo wayo, nodumo lombuso wayo, nobukhazikhazi nangengcebo yobukhulu bayo.


Ngesikhathi uMoridekhayi ephuma esigodlweni wayegqoke ingubo yasebukhosini enokuluhlaza sasibhakabhaka nokumhlophe, umjiva welineni elicolekileyo elibukhwebezane, nomqhele omuhle ocwebezelayo wegolide. Kwachwaza umuzi waseShushani ngomsindo wenjabulo nentokozo.


Impela umuntu angemhlenge umfowabo, noma amhlawulele kuNkulunkulu.


Ngizokudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile lokho. Ngizolindela igama lakho, ngokuba lihle phambi kwabathembekile bakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite