Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 4:4 - IsiZulu 2020

4 Izintombi eziyizisebenzi zika-Esteri nabathenwa bamazisa ngalokho, waphatheka kabi kakhulu, wamthumelela izingubo uMoridekhayi ukuze akhumule indwangu eyisaka, agqoke zona, kodwa wazenqaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Izintombi zika-Esteri nezinduna zakhe zafika zamtshela lokho; inkosikazi yazwiswa kakhulu ubuhlungu; yathuma izingubo zokumembathisa uMoridekayi, yasusa kuye ingubo yakhe yamasaka; kepha akazamukelanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Zase zifika izincekukazi zika-Esteri nezincekukazi zakhe, zamtshela. Khona-ke indlovukazi yadabuka kakhulu; wathumela izingubo zokugqokisa uMoridegayi, akhumule indwangu yakhe yesaka kuye, kepha akazemukelanga.

Gade chapit la Kopi




Esteri 4:4
10 Referans Kwoze  

Ngosuku losizi lwami, ngifuna iNkosi, ebusuku ngelule isandla sami ngingakhathali. Umphefumulo wami uyenqaba ukududuzwa.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izwi liyezwakala eRama, ukulila nokukhala okumunyu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe; uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe, ngokuba abasekho.”


Indodana yowezizwe ezihlanganise noSimakade mayingathi: “Impela uSimakade uyakungehlukanisa nabantu bakhe,” nomthenwa angathi: “Bheka, ngingumuthi owomileyo.”


Kodwa indlovukazi uVashiti yenqaba ukuza njengoba kwakuyaleze inkosi kubathenwa. Lokho kwayenza inkosi yathukuthela kakhulu, yabhodla umlilo.


Waphakamisa ubuso bakhe, wabheka ngasefasiteleni, wathi: “Ngubani ongakimi? Ngubani na?” Kwase kulunguza izinduna ezimbili noma ezintathu.


Iyakuthatha okweshumi kwembewu yenu nokwesivini senu, ikunike izinduna zayo nezinceku zayo.


Onke amadodana namadodakazi akhe, afika ukuzomduduza, kepha kwanhlanga zimuka nomoya. Wathi: “Ngiyoze ngiye kwelabafileyo ngisayililela indodana yami.” Waqhubeka nokuyililela indodana yakhe.


Wasuka-ke wahamba. Wase ebona indoda yase-Etopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe, indlovukazi yase-Etopiya, eyayengamele yonke ingcebo yendlovukazi. Yayikade ize eJerusalema ukuzokhuleka.


Kuzo zonke izifundazwe lapho kwafinyelela khona izwi lenkosi nomthetho wayo, kwaba nomsindo wokulila okukhulu kubaJuda; bazila ukudla, bakhala, balila, iningi labo lalala phansi ligqoke indwangu eyisaka, lazithela ngomlotha.


U-Esteri wayesebiza uHathakhi, omunye wabathenwa basesigodlweni, inkosi eyayimqokele ukusebenzela indlovukazi, ukuba ayobuza kuMoridekhayi ukuthi kwenzenjani, nokuthi yini eyenza aziphathe ngalolo hlobo na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite