Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 4:3 - IsiZulu 2020

3 Kuzo zonke izifundazwe lapho kwafinyelela khona izwi lenkosi nomthetho wayo, kwaba nomsindo wokulila okukhulu kubaJuda; bazila ukudla, bakhala, balila, iningi labo lalala phansi ligqoke indwangu eyisaka, lazithela ngomlotha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kuzo zonke izifunda lapho kwafika khona izwi lenkosi nomthetho wayo, kwaba khona ukulila okukhulu phakathi kwabaJuda, nokuzila ukudla nokukhala ngezinyembezi, nokulila; abaningi balala phansi bembethe izindwangu zamasaka nomlotha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ezifundeni zonke nomaphi lapho kwafika khona izwi lenkosi nesimiso sayo, kwaba khona ukulila okukhulu phakathi kwabaJuda, nokuzila ukudla, nokukhala, nokukhala; abaningi balala bembethe amasaka nomlotha.

Gade chapit la Kopi




Esteri 4:3
20 Referans Kwoze  

Ngalolo lusuku iNkosi uSimakade Wamabandla wanibiza ukuba nikhale, nilile, niphuce amakhanda, nigqoke indwangu eyisaka,


Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ngakhuleka, nganxusa ngokuzila ukudla, nangendwangu eyisaka, nangomlotha.


Ngabe yikhona kuzila lokhu engikukhethileyo na? Ngabe wusuku lokuba umuntu athobise umphefumulo na? Ngabe kungukuba agebise ikhanda lakhe njengomhlanga, alale endwangwini eyisaka nasemlotheni na? Ngabe yikho lokhu yini enikubiza ngokuzila, nosuku olwemukelekileyo kuSimakade na?


Ngalokho ngithi: “Ningangibuki mina, ngizonikhombisa umunyu ngokulila kalusizi; ningazami ukungiduduza ngenxa yokubhujiswa kwendodakazi yabantu bami.”


Leyo nceku engenamsebenzi walutho yiphonseni ebumnyameni obungaphandle, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’ ”


“Ngakho-ke inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse phandle ebumnyameni, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’


zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.


“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Kuthe ngosuku lwe-13 ngenyanga yokuqala, kwabizwa bonke onobhala benkosi. UHamani wabayala ukuba babhale konke ayebatshela khona, bakuhumushele kuzo zonke izilimi, ezincwadini eziya kuzo zonke izifundazwe, bese bekuthumelela iziphathimandla zenkosi, nababusi, nabaholi babantu, nakuzo zonke izifundazwe; kwabhalwa egameni lenkosi u-Ahasheveroshi, kwasicilelwa ngendandatho yayo.


Lokhu kwenzeka ngesikhathi sokubusa kwenkosi u-Ahasheveroshi; lona ngu-Ahasheveroshi owayebusa izifundazwe eziyi-127, kusukela eNdiya kuye eKhushe.


Izithunywa zafika eGibheya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantu. Bonke abantu badazuluka, bakhala.


Wahamba waya esangweni lesigodlo senkosi, ngokuba akekho owayevunyelwe ukungena ngalo egqoke indwangu eyisaka.


Izintombi eziyizisebenzi zika-Esteri nabathenwa bamazisa ngalokho, waphatheka kabi kakhulu, wamthumelela izingubo uMoridekhayi ukuze akhumule indwangu eyisaka, agqoke zona, kodwa wazenqaba.


futhi bagcine izinsuku zomkhosi wePhurimi ngesikhathi esifaneleyo, njengoba umJuda uMoridekhayi nendlovukazi u-Esteri bakuqinisekisa kubaJuda, njengalokhu bazibophezela nezizukulwane zabo maqondana nemithetho ephathelene nokuzila neyokulila.


UJoshuwa wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi mbo ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade kwaze kwaba kusihlwa, yena namalunga akwa-Israyeli bazithela ngothuli emakhanda.


UJobe wathatha udengezi ukuba azenwaye ngalo; wayehleli emlotheni.


bezwakalise izwi labo kuwe, bakhale ngomunyu, bathele uthuli emakhanda abo, bahuquzele emlotheni,


Izwi lafinyelela ngisho nasenkosini yaseNineve, yase isuka esihlalweni sayo, yakhumula ingubo yayo yobukhosi, yembatha indwangu yesaka, yahlala emlotheni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite