Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 4:16 - IsiZulu 2020

16 “Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 “Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani, ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini; nami nezintombi zami siyakuzila kanjalo, ngingene enkosini noma kungengamthetho; uma ngibhubha, mangibhubhe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Hamba uqoqe wonke amaJuda akhona eShushani, ningizilele, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu, ubusuku nemini. Mina nezincekukazi zami siyakuzila kanjalo; kanjalo ngiyongena enkosini, okuphambene nomthetho; futhi uma ngibhubha, ngiyabhubha.

Gade chapit la Kopi




Esteri 4:16
29 Referans Kwoze  

Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


UJehoshafathi wesaba, wayesezinikela, wafuna uSimakade, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke elakwaJuda.


Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; kepha lowo olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami, uyakukusindisa.


futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”


Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uSimakade, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma ngonkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho benu besengaphesheya komfula, noma ngonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uSimakade.”


Qina, masisebenzise amandla ethu ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uSimakade makenze okuhle emehlweni akhe.”


Sengathi uNkulunkulu uSomandla anganenzela umusa phambi kwalowo muntu, akhulule umfowenu noBhenjamini; uma ngingafelwa ngabantwana bami, ngobe ngifile kwamina.”


Ngalolo lusuku iNkosi uSimakade Wamabandla wanibiza ukuba nikhale, nilile, niphuce amakhanda, nigqoke indwangu eyisaka,


Kwathi ngosuku lwesithathu, u-Esteri wagqoka ingubo yobundlovukazi, wema egcekeni lesigodlo senkosi elingaphakathi, eliqondene nendlu yenkosi. Inkosi yayihleli esihlalweni sayo sobukhosi, iqondene nesango elingenela esigodlweni.


ngokuba, ngenxa yomsebenzi kaKhristu, ucishe wafa edela impilo yakhe, ukuze agcwalise okusileleyo ekungisizeni kwenu.


abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, akubongi mina kuphela kodwa namabandla onke abezizwe.


Kwathi sekuzokusa, uPawula wabancenga bonke ukuba badle. Wathi: “Namuhla wusuku lwe-14 nilindile, nilokhu nizilile, ningadli lutho.


Nokho uPawula waphendula wathi: “Nenzani ukuba nikhale nidabukise inhliziyo yami na? Ngokuba mina sengikulungele, hhayi nje ukuboshwa kuphela, kodwa nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”


Isihambile ingelosi ebikhuluma naye, wabiza ababili kwabendlu yakhe nebutho elikholwayo kulawo ayeyizinceku zakhe,


Izinsuku zaba ntathu engaboni, engadli, futhi engaphuzi.


Njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”


UPilatu waphendula, wathi: “Esengikulobile, ngikulobile.”


Kuzo zonke izifundazwe lapho kwafinyelela khona izwi lenkosi nomthetho wayo, kwaba nomsindo wokulila okukhulu kubaJuda; bazila ukudla, bakhala, balila, iningi labo lalala phansi ligqoke indwangu eyisaka, lazithela ngomlotha.


U-Esteri wawuphendula umlayezo kaMoridekhayi, wathi:


UMoridekhayi wahamba wenza konke lokho u-Esteri ayemyale ngakho.


Kwathi ngonyaka wesihlanu wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye, bonke abantu baseJerusalema nabo bonke ababevela emizini yakwaJuda, beza eJerusalema, bamemezela ukuzila phambi kukaSimakade.


ukuba bacele umusa kuNkulunkulu wasezulwini ngale mfihlakalo, ukuze uDaniyeli nabangani bakhe bangabhubhi kanye nabanye abahlakaniphileyo baseBhabhele.


Uma sithi: ‘Siyakungena emzini,’ kunendlala emzini, siyakufela khona; uma sihlala lapha, siyakufa futhi. Ngalokho masihambe siye enkanjini yabase-Aramu; uma besiyeka, siyakuphila; uma besibulala, siyakufa.”


Ngase ngimemezela ukuzila ngasemfuleni i-Ahava nokuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu wethu, sizicelele indlela enhle nephephile, thina nabantwana bethu, nayo yonke impahla yethu.


futhi bagcine izinsuku zomkhosi wePhurimi ngesikhathi esifaneleyo, njengoba umJuda uMoridekhayi nendlovukazi u-Esteri bakuqinisekisa kubaJuda, njengalokhu bazibophezela nezizukulwane zabo maqondana nemithetho ephathelene nokuzila neyokulila.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite