Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 3:9 - IsiZulu 2020

9 Uma kukuhle enkosini, makulotshwe ukuba sibhujiswe, mina ngizokhokha amathalenta ayizi-10 000 esiliva kulabo abenza umsebenzi wenkosi, ukuze afakwe engcebeni yenkosi.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Uma kukuhle enkosini, makulotshwe ukuba sichithwe; ngiyakukhokhela amatalenta* ayizinkulungwane eziyishumi esiliva ezandleni zabenza umsebenzi wenkosi, ayiswe esikhwameni senkosi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uma kukuhle enkosini, makulotshwe ukuba babhujiswe, futhi ngiyakunikela amathalenta ayizinkulungwane eziyishumi esiliva ezandleni zalabo abanandaba ukuze bawangenise engcebweni yenkosi.

Gade chapit la Kopi




Esteri 3:9
7 Referans Kwoze  

U-Abhrahama wavumelana no-Efroni, wayesembalela inani ayelibalulile phambi kwamaHithi, ngesisindo salo amashekeli ezinhlamvu zesiliva ezingama-400 ngokwezilinganiso ezazisetshenziswa ngabahwebi baleso sikhathi.


Kwathi eseqalile ukubala, kwalethwa kuye omunye owayekweleta amathalenta ayizi-10 000.


UHamani wayesethi enkosini u-Ahasheveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazakele kuzo zonke izifundazwe zombuso wakho, sinemithetho eyehlukile kweyezizwe zonke. Siyishaya indiva imithetho yombuso wakho. Akulungile ukuba inkosi isiyeke siqhubeke.


Inkosi yase ikhipha indandatho yokusicilela emunweni wayo, yayinika uHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, isitha sabaJuda.


UMoridekhayi wamtshela konke okwakumehlele, nangesamba sesiliva uHamani ayethembise ukusikhokha esikhwameni senkosi ukuze kubhujiswe abaJuda.


Ngokuba mina nabantu bakithi sithengisiwe, sizobulawa, sibhujiswe, siqedwe nya. Ukuba besithengisiwe sayoba yizigqila bengizozithulela, ngokuba leyo nkathazo ibingeke iyilimaze inkosi.”


Ngaso leso sikhathi kwasondela amadoda amaKhaledi, otha abaJuda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite