Esteri 3:13 - IsiZulu 202013 Lezo zincwadi zanikwa izigijimi, zathunyelwa kuzo zonke izifundazwe zenkosi. Umyalelo wawuthi kumele kubulawe bonke abaJuda, abancane nabadala, nezinsana nabesifazane, ngalusuku lunye okwakungolwe-13, ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari, nempahla yabo ibe yimpango. Gade chapit laIBHAYIBHELI ELINGCWELE13 Izincwadi zathunywa ngesandla sezigijimi ezifundeni zonke zenkosi ukuba kuchithwe, kubulawe, kubhujiswe abaJuda bonke, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye, ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari, impahla yabo ibe yimpango. Gade chapit laContemporary Zulu Bible 202413 Izincwadi zathunyelwa kuzo zonke izifunda zenkosi ukuba kubhujiswe, kubulawe futhi kubhujiswe wonke amaJuda, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye, ngosuku lweshumi nantathu lweshumi nambili. Inyanga, leyo yinyanga ka-Adari, nokuphanga impango yabo. Gade chapit la |
Izigijimi zaphuma nezincwadi eziphuma esandleni senkosi nasezikhulwini zayo, zaya kuye wonke u-Israyeli noJuda njengokwesiyalezo senkosi esithi: “Nina bakwa-Israyeli, buyelani kuSimakade uNkulunkulu ka-Abhrahama, noka-Isaka noka-Israyeli ukuze naye abuyele ensalini yenu ephunyuke esandleni samakhosi ase-Asiriya.