Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 3:1 - IsiZulu 2020

1 Emveni kwalezo zinto, inkosi u-Ahasheveroshi yaqokela esikhundleni esiphezulu uHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, yamenza umengameli wazo zonke izikhulu ezikanye naye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Emva kwalezo zinto inkosi, u-Ahashiveroshi, yamenza mkhulu uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, yamphakamisa, yamisa isihlalo sakhe phezu kwazo zonke izikhulu ezazinayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Emva kwalokho inkosi u-Ahashiveroshi yamphakamisa uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, yamphakamisa, yabeka isihlalo sakhe phezu kwezikhulu zonke ezazinaye.

Gade chapit la Kopi




Esteri 3:1
15 Referans Kwoze  

Amanzi ayakugobhoza, aphume ezimbizeni zakhe, imbewu yakhe ibe semanzini amaningi, inkosi yakhe ibe nkulu kuno-Agagi, umbuso wakhe uphakame.


Phezu kwazo wabeka omengameli abathathu, uDaniyeli engomunye wabo, ukuba izikhulu zibike kubo, ukuze inkosi ingasweli lutho.


waqhosha ngomcebo wakhe omkhulu, namadodana amaningi, nezikhundla zonke inkosi embeke kuzo, nokuthi imenze wamkhulu phezu kwezikhulu nabaholi.


Inkosi yase ikhipha indandatho yokusicilela emunweni wayo, yayinika uHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, isitha sabaJuda.


USamuweli wathi: “Njengalokhu inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana njengabanye.” USamuweli wayesemhlahlela u-Agagi phambi kukaSimakade, eGiligali.


Uzokwengamela isigodlo sami, nesizwe sami sonke siyokwenza njengoba usiyala; yimi kuphela ngokwesikhundla sami sobukhosi engizoba mkhulu kunawe.”


Abantu bayathokoza ngokwanda kwabalungileyo, kodwa bayakhononda ngokubusa kwesikhohlakali.


Izikhohlakali zehla zenyuka, zibukisa, njengoba ububi budlangile nje phakathi kwabantwana babantu.


U-Esteri waphinda wakhuluma nenkosi, wakhothamela ezinyaweni zayo, wakhala, wayincenga ukuba ibuguqule kubantu bakubo ububi uHamani, umAgagi, ayebucebe ngabo.


U-Esteri wathi: “Umuntu omelene nathi, isitha, yilo Hamani okhohlakeleyo.” Kwaphela nasozwaneni wuvalo kuHamani, phambi kwenkosi nendlovukazi.


abaseduze nayo, uKarishena, uShetari, u-Adimatha, uTharishishi, uMeresi, uMarisena noMemukhani, okwakuyibona ababeyisiza, futhi beyizethenjwa zayo.


Ngokuba uthunywa yinkosi nabeluleki bayo abayisikhombisa, ukuba niyobheka ukuthi kuhamba kanjani kwaJuda naseJerusalema ngokomthetho kaNkulunkulu wenu osesandleni sakho,


Wambamba ephila u-Agagi inkosi yama-Amaleki, waqotha ngenkemba imbokodo nesisekelo.


Kwathi lapho indlala isiqala ukuzwela naseGibhithe, abantu bakhala kuFaro becela ukudla. UFaro wabatshela bonke abaseGibhithe wathi: “Hambani niye kuJosefa, nikwenze konke anitshela khona.”


ubuwula bubekwa ezindaweni eziningi eziphakemeyo, abacebile bahlala endaweni ephansi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite