Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 2:5 - IsiZulu 2020

5 Kwakukhona eShushani inhlokomuzi, uMoridekhayi umJuda, indodana kaJayiri, kaShimeyi, kaKhishi wakwaBhenjamini,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kwakukhona umuntu womJuda eShushani endlini yenkosi ogama lakhe lalinguMoridekayi kaJayire kaShimeyi kaKishi wakwaBenjamini,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kwakukhona esigodlweni saseShushani umJuda othile ogama lakhe linguMoridegayi indodana kaJayire kaSimeyi kaKishi wakwaBenjamini;

Gade chapit la Kopi




Esteri 2:5
10 Referans Kwoze  

UMoridekhayi, umJuda, wayengowesibili ngokwesikhundla embusweni wenkosi u-Ahasheveroshi, enamandla phakathi kwabaJuda, iningi labakubo limthanda, ngokuba wayesebenzela inhlalakahle yabantu bakubo, elwela ukuphatheka kahle kwazo zonke izizukulwane zabo.


Kwathi ngosuku lwesithathu, u-Esteri wagqoka ingubo yobundlovukazi, wema egcekeni lesigodlo senkosi elingaphakathi, eliqondene nendlu yenkosi. Inkosi yayihleli esihlalweni sayo sobukhosi, iqondene nesango elingenela esigodlweni.


Inkosi iqoke izikhulu kuzo zonke izifundazwe embusweni wayo, ukuba ziqoqe zonke izintombi ezibukekayo, zilethwe esigodlweni kuHegayi, umthenwa, okunguyena owengamele indlu yabesifazane, azinike izimonyo zazo.


Inkosi u-Ahasheveroshi, ngaleso sikhathi, yayibusa ihlezi esihlalweni sayo esasisenhlokomuzi yayo, iShushani,


Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBhahurimi, kwaphuma omunye wabomndeni wendlu yenkosi uSawule, igama lakhe kunguShimeyi, indodana kaGera; wayehla enyuka ethuka inkosi.


Kwakukhona umuntu kwaBhenjamini ogama lakhe kunguKishi, indodana ka-Abhiyeli kaZerori kaBhekhorathi ka-Afiya, indodana yowakwaBhenjamini, iqhawe elinamandla.


Inkosi mayikhethe intombi eyoyithanda, ibe yindlovukazi esikhundleni sikaVashithi.” Sayithokozisa inkosi leso seluleko, yenza kanjalo.


Inkosi uJehoyakini wakwaJuda wazinikela enkosini yaseBhabhele, yena, unina, izinceku zakhe, izikhulu zakhe nezikhulu esigodlweni sakhe. Inkosi yaseBhabhele yamthatha ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe.


Yathumba uJehoyakini, yamyisa eBhabhele, indlovukazi unina wenkosi, amakhosikazi enkosi, izinduna zayo, nezikhulu zezwe, bonke yabathumba besuka eJerusalema yabayisa eBhabhele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite