Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 2:21 - IsiZulu 2020

21 Ngelinye ilanga uMoridekhayi ehleli esangweni lesigodlo, uBhigithana noThereshi, abathenwa ababili ababeqapha isango lendlu yenkosi, babenokukhononda ngenkosi, ngakho-ke benza uzungu lokuyibulala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ngalezo zinsuku uMoridekayi esahlezi esangweni lenkosi, izinduna ezimbili zenkosi oBigithani noThereshi kubalindisango zazithukuthele, zafuna ukubeka izandla enkosini u-Ahashiveroshi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngalezo zinsuku lapho uMoridekayi ehlezi esangweni lenkosi, izinceku ezimbili zenkosi, uBhigithani noTeresi, ababeqapha umnyango, bathukuthela bazama ukubeka isandla enkosini u-Ahashiveroshi.

Gade chapit la Kopi




Esteri 2:21
13 Referans Kwoze  

Kwatholakala lapho kwakulotshwe khona ukuthi uMoridekhayi wabaceba kanjani abathenwa ababili, ababengabaqaphi besango lenkosi uBhigithani noThereshi, ngozungu ababelwakhele inkosi u-Ahasheveroshi.


Nguye opha amakhosi insindiso, osindisa inceku yakhe, uDavide, enkembeni yababi.


Izinceku zika-Amoni zamakhela uzungu; zayibulala inkosi endlini yayo.


Izinceku zakhe zenza ugobe, zambulala uJowashi esendlini eMilo, uma wehla ubheke eSila.


UZimri, umkhuzi wengxenye yempi yezinqola zakhe, wamenzela ugobe. Ngesikhathi eseThiriza ezigcingca ngotshwala endlini ka-Ariza, owayengamele isigodlo sakhona,


UDavide wayesethi ku-Abhishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani-ke lo mBhenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba nguSimakade omthumile.


Ngesikhathi sokubusa kuka-Ahasheveroshi, esaqala nje ukubusa, izitha zabhala incwadi zimangalela izakhamuzi zakwaJuda naseJerusalema.


Lapho izintombi ziqoqwa okwesibili, uMoridekhayi wayehleli esangweni lenkosi.


UDaniyeli wacela enkosini, yabeka oShadirakhi, noMeshakhi, no-Abhedi Nego phezu kwezindaba zesifunda saseBhabhele, kepha uDaniyeli wayesesangweni lenkosi.


Ngalobo busuku inkosi yaqwasha, yase iyala ukuba kulethwe kuyo umqulu womlando okubhalwe kuwo izehlakalo zemihla ngemihla zombuso wayo, zafundwa phambi kwenkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite