Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 2:18 - IsiZulu 2020

18 Inkosi yenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili: “Idili lika-Esteri.” Lolo lusuku lwaba yiholide ezifundazweni, futhi yapha abantu izipho njengobuningi bengcebo yasebukhosini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Inkosi yayisizenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili elikhulu, idili lika-Esteri, wanika izifunda ukuphumula, waphana ngezipho njengokupha kwenkosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Inkosi yayisilungisela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili elikhulu, idili lika-Esteri; wakhulula izifunda, wapha izipho ngokomthetho wenkosi.

Gade chapit la Kopi




Esteri 2:18
14 Referans Kwoze  

Yayisithi kimi: “Loba ukuthi: ‘Babusisiwe labo abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu.’ ” Yayisithi futhi kimi: “Lawo ngamazwi aqinisileyo kaNkulunkulu.”


Abakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelelane izipho, ngokuba laba baphrofethi ababili bebahluphile abakhileyo emhlabeni.


“Uma umenyiwe emshadweni, ungahlali esihlalweni esiphambili, hleze kukhona omkhulu kunawe ammemileyo.


“Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado.


Sengingenile esivandeni sami, dadewethu, makoti wami! Sengiyibuthile imure yami namakha ami, sengiwadlile amakhekheba ami noju lwami, ngaphuza iwayini lami nobisi lwami. Yidlani bangani, niphuze, niphuze neneliseke, zithandwa.


Madodakazi aseZiyoni, phumani nibuke, inkosi uSolomoni ihlobe ngomqhele wayo eyawuqheliswa ngunina mhlazana igcagcelwa, ngosuku lokuthokoza kwenhliziyo yayo.


Ngalezo zinsuku, abaJuda bakhululwa ezitheni zabo, ngenyanga lapho usizi lwabo lwaphenduka injabulo, ukulila kwabo kwaba yintokozo. Kwakumele kube yizinsuku zedili nentokozo, izinsuku zokuphana izipho ezingukudla, nezipho eziya kwabampofu.


Okuphuzwayo kwakuthungelwa ezindebeni zegolide ezahlukahlukene, iwayini laliliningi njengokufanele inkosi.


NabaLevi babaqinisa idolo, bathi: “Yekani ukukhala, ningabe nisadabuka, ngokuba namuhla lusuku olungcwele.”


Buza izinsizwa zakho, zizokutshela; ngakho-ke izinsizwa zami mazifumane umusa emehlweni akho, ngokuba sifike ngosuku oluhle. Ake uziphe izinceku zakho nendodana yakho uDavide, noma yini onayo.’ ”


ULabani wabamema bonke abantu bakuleyo ndawo, wenza idili.


Ekugcineni lwafika olungaliyo, lapho uHerode ngosuku lwakhe lokuzalwa wenzela izikhulu zakhe idili; izinduna zempi nabanumzane baseGalile;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite