Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 2:16 - IsiZulu 2020

16 Wasiwa enkosini u-Ahasheveroshi ngenyanga yeshumi, inyanga okuthiwa uThebhethi, ngonyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 U-Esteri wayeseyiswa enkosini u-Ahashiveroshi endlini yakhe yobukhosi ngenyanga yeshumi, eyinyanga kaThebeti, ngomnyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngakho u-Esteri wayiswa enkosini u-Ahashiveroshi endlini yayo yobukhosi ngenyanga yeshumi, eyinyanga kaThebeti, ngomnyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.

Gade chapit la Kopi




Esteri 2:16
7 Referans Kwoze  

Ngaleso sikhathi kwase kubizwa ababhali benkosi. Kwakuwusuku lwama-23, ngenyanga yesithathu ebizwa ngokuthi uShivani. Bayalwa ukuba babhale noma yini uMoridekhayi abayala ukuba bayibhalele abaJuda ababesembusweni ka-Ahasheveroshi, neziphathimandla, nababusi, nezikhulu ezazikuzo zonke izifundazwe eziyi-127, kusuka eNdiya kuya eKhushe. Izincwadi bazibhala ngolimi lwaleso naleso sizwe, ngokwehlukana kwazo, nangokubhala kwazo, nakubaJuda, ngokubhala kwabo nangolimi lwabo.


Inkosi iqoke izikhulu kuzo zonke izifundazwe embusweni wayo, ukuba ziqoqe zonke izintombi ezibukekayo, zilethwe esigodlweni kuHegayi, umthenwa, okunguyena owengamele indlu yabesifazane, azinike izimonyo zazo.


Emveni kwalezo zinto, selubohlile ulaka lwenkosi u-Ahasheveroshi, yakhumbula uVashiti nayekwenzile, nokuthi kwakhishwa simemezelo sini ngaye.


Bafika eJerusalema ngenyanga yesihlanu, ngonyaka wesikhombisa wokubusa kwenkosi.


Laze lafika nethuba lika-Esteri indodakazi ka-Abhihayili, umfowabo kaMoridekhayi. UMoridekhayi wayemkhulise kwangathi yindodakazi yakhe. U-Esteri akazange acele lutho ngaphandle kwalokho uHegayi, umthenwa owayephethe, ayethe akakusebenzise. Bonke ababembona babethatheka ngubuhle bakhe.


Inkosi yamthanda kakhulu ukwedlula bonke abesifazane; wafumana umusa emehlweni ayo, yamphatha kahle ukuzedlula zonke izintombi. Yamethwesa umqhele wobukhosi yamenza indlovukazi esikhundleni sikaVashithi.


Ngesikhathi sokubusa kuka-Ahasheveroshi, esaqala nje ukubusa, izitha zabhala incwadi zimangalela izakhamuzi zakwaJuda naseJerusalema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite