Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 2:12 - IsiZulu 2020

12 Ukucolwa kwabesifazane kwakuvamise ukuthatha isikhathi esingunyaka. Izinyanga eziyisithupha zokuqala, owesifazane wayegcotshwa ngamafutha emure, kuthi ngezilandelayo aqholwe ngamafutha ebhalisamu. Uma sekwenziwe lokho, intombi ngayinye yayithathwa ingeniswe enkosini u-Ahasheveroshi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Lapho kufika isikhathi sezintombi ngezintombi sokuba zingene enkosini u-Ahashiveroshi emva kokuba kwenziwe kuzo njengomthetho wabesifazane izinyanga eziyishumi nambili ngokuba zagcwaliswa kanjalo izinsuku zokuqholwa kwazo, izinyanga eziyisithupha ngamafutha emure* nezinyanga eziyisithupha ngamakha nangezinto zokuqhola abesifazane

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Lapho incekukazi ngayinye ingena ngokudedelana ukungena enkosini u-Ahashiveroshi, isinezinyanga eziyishumi nambili njengomthetho wabesifazane, ngokuba zaphelela kanjalo izinsuku zokuhlanjululwa kwabo, izinyanga eziyisithupha ngamafutha emure, nezinyanga eziyisithupha. Ngephunga elimnandi, nezinye izinto zokuhlanzwa kwabesifazane;

Gade chapit la Kopi




Esteri 2:12
10 Referans Kwoze  

Waya kuMolokhi uphethe amafutha, wawandisa amakha akho. Wathumela kude izithunywa zakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo,


Umbhede wami ngiwufafaze ngemure, ngenhlaba nangekinamona.


Ngubani lowaya oqhamuka ehlane, onjengesikhatha sentuthu, eqhole ngemure nangenhlaka, nangawo wonke amakha omthengisi na?


Inkosi iqoke izikhulu kuzo zonke izifundazwe embusweni wayo, ukuba ziqoqe zonke izintombi ezibukekayo, zilethwe esigodlweni kuHegayi, umthenwa, okunguyena owengamele indlu yabesifazane, azinike izimonyo zazo.


U-Esteri waba nogazi, wathandeka kuHegayi, futhi wafumana umusa kuye, washeshe wamnika okokuziqhola nesabelo sakhe sokudla kwekhethelo. Wamnika indawo enhle kakhulu esigodlweni, waqoka izintombi eziyisikhombisa ezikhethekile esigodlweni ukuba zimnakekele.


Nsuku zonke uMoridekhayi wayezidlisa satshanyana ngasesangweni lendlu yabesifazane, ukuze ahogele ukuthi uqhuba kanjani u-Esteri, nokuthi yini ezokwenzeka kuye.


Uma isuka endlini yabesifazane iya esigodlweni, yayigqoka noma yini eyithandayo.


Esikhundleni samakha, kuyoba ngukubola; nasesikhundleni sebhande, kube yintambo; esikhundleni sezinwele ezilungiswe kahle, kube yimpandla; nasesikhundleni sesidiya, kube yisibhamba sendwangu eyisaka; nasesikhundleni sobuhle, kube yisishada.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite