Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 1:3 - IsiZulu 2020

3 kwathi ngonyaka wesithathu wokubusa kwayo, yenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili, abombutho wempi yasePheresiya naseMediya, izikhulu nababusi bezifundazwe, babelapho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ngomnyaka wesithathu wokubusa kwayo, yenzela izikhulu zayo zonke nezinceku zayo idili, amaqhawe asePheresiya naseMediya, nabakhulu nezikhulu zezifunda bephambi kwayo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwakhe wenzela zonke izikhulu zakhe nezinceku zakhe idili; amandla asePheresiya naseMediya, izikhulu nezikhulu zezifunda phambi kwakhe;

Gade chapit la Kopi




Esteri 1:3
16 Referans Kwoze  

Ekugcineni lwafika olungaliyo, lapho uHerode ngosuku lwakhe lokuzalwa wenzela izikhulu zakhe idili; izinduna zempi nabanumzane baseGalile;


UBhelishazari, inkosi, wenzela izinduna zakhe eziyinkulungwane idili elikhulu, waphuza iwayini phambi kwaleyo nkulungwane.


Inkosi yenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili: “Idili lika-Esteri.” Lolo lusuku lwaba yiholide ezifundazweni, futhi yapha abantu izipho njengobuningi bengcebo yasebukhosini.


USolomoni wayesephaphama; lokho kwakuyiphupho; wasuka lapho wabuyela eJerusalema. Wafike wema phambi komphongolo wesivumelwano sikaSimakade, wanikela ngeminikelo yokushiswa, nangeminikelo yokuthula, wenzela izinceku zakhe zonke idili.


“Lolani imicibisholo, nithathe izihlangu. USimakade uvivise amakhosi aseMediya, ngokuba inhloso yakhe ngeBhabhele ngukuba alibhubhise; lokhu kuyimpindiselo kaSimakade, impindiselo ngethempeli lakhe.


Ngiboniswe umbono oshaqisayo: umkhapheli ekhaphela, nombhubhisi ebhubhisa. Yenyuka Elamu, uvimbezele Mediya; ngizokuqeda konke ukukhala kwenu.


Kwathi ngosuku lwesithathu, okwakulusuku lokuzalwa kukaFaro, uFaro wenzela zonke izinceku zakhe idili. Waphakamisa phambi kwazo izikhulu zakhe, induna yabaphathindebe, nenduna yababhakizinkwa.


Inqama oyibonileyo inezimpondo ezimbili, zingamakhosi aseMediya nasePheresiya.


Kwaba kuhle kuDariyu ukuba abeke phezu kombuso izikhulu eziyi-120 zibuse embusweni wonke.


PERES: umbuso wakho wahlukene, unikelwe kumaMede namaPheresiya.”


abaseduze nayo, uKarishena, uShetari, u-Adimatha, uTharishishi, uMeresi, uMarisena noMemukhani, okwakuyibona ababeyisiza, futhi beyizethenjwa zayo.


“Nakhu okushiwo nguKhoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: “ ‘USimakade uNkulunkulu wasezulwini unginike yonke imibuso yomhlaba, wangiqoka ukuba ngimakhele indlu eJerusalema, kwaJuda.


Izinsuku eziningi ezaba yi-180, yayibukisa ngomcebo wayo, nodumo lombuso wayo, nobukhazikhazi nangengcebo yobukhulu bayo.


Ngenyanga yokuqala, inyanga uNisani, ngonyaka we-12 wokubusa kuka-Ahasheveroshi, benza iPhure (unkatho) phambi kukaHamani, imihla ngemihla, nyanga zonke, ukuze abone ukuthi isu lakhe liyolunga, liphumelele ngayiphi inyanga nangaluphi usuku. Waqoka ukuba lokho kwenziwe ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite