Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 1:19 - IsiZulu 2020

19 Uma kukuhle kuwe nkosi, mawukhiphe isimemezelo sasebukhosini, sibhalwe emthethweni ukuthi uVashiti uyamenqabela ukuba aphinde angene lapho inkosi ikhona, kube wumthetho wamaPheresiya namaMediya ongaguquki, bese inkosi ithatha enye indlovukazi engcono kunaye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “Uma kukuhle enkosini, makuphume izwi lobukhosi, lilotshwe phakathi kwemithetho yamaPheresiya namaMede, lingalahlwa, lokuba uVashiti angabe esangena phambi kwenkosi u-Ahashiveroshi, inkosi inike omunye omuhle kunaye ubukhosikazi bakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Uma kukuhle enkosini, makwehle umthetho wobukhosi kuyo, ulotshwe emithethweni yamaPheresiya namaMede, ukuze kungashintshwa ukuthi uVashiti angabe esafika phambi kwenkosi u-Ahashiveroshi; inkosi mayinike omunye ongcono kunaye impahla yakhe yobukhosi.

Gade chapit la Kopi




Esteri 1:19
10 Referans Kwoze  

kodwa umbhalo olotshwe egameni lenkosi wagxivizwa ngesigxivizo sasebukhosini, awusoze waguqulwa. Nokho-ke, nina nobabili ningababhalela abaJuda noma yini eniyifisayo; ningayibhala egameni lami, nifake isisicilelo sasebukhosini.”


USamuweli wathi kuye: “USimakade uwuklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, wawunika umakhelwane wakho ongcono kunawe.


wathi: “Uma kukuhle enkosini, ngifumene umusa kuyo, futhi uma kulungile phambi kwayo, ngicela ibhale umyalelo wokuhoxisa icebo likaHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, owabhala izincwadi zokuthi kubhujiswe abaJuda abahlala kuzo zonke izifundazwe zenkosi.


Kwase kulethwa itshe, labekwa emlonyeni womphandu. Inkosi yalinamathelisa ngendandatho yayo nangendandatho yezikhulu zayo, ukuze kungaguqulwa lutho maqondana noDaniyeli.


Uma kukuhle enkosini, makulotshwe ukuba sibhujiswe, mina ngizokhokha amathalenta ayizi-10 000 esiliva kulabo abenza umsebenzi wenkosi, ukuze afakwe engcebeni yenkosi.”


U-Israyeli wonke wezwa ngaleso sehlulelo esasenziwe yinkosi, wayesaba inkosi ngokuba wabona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakunayo ekwehluleleni kwayo.


Leso seluleko sikaMemukhani sayithokozisa inkosi nezikhulu zayo, inkosi yenza njengoba eyelulekile uMemukhani,


Khona namuhla amakhosikazi ezikhulu zamaPheresiya namaMediya, uma ezwa ngokuziphatha kwendlovukazi, azomelana nezikhulu zenkosi, kube nendelelo nentukuthelo.


Emveni kwalezo zinto, selubohlile ulaka lwenkosi u-Ahasheveroshi, yakhumbula uVashiti nayekwenzile, nokuthi kwakhishwa simemezelo sini ngaye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite