Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Esteri 1:10 - IsiZulu 2020

10 Ngosuku lwesikhombisa, inkosi seyeneme kakhulu ngenxa yewayini, yayala abathenwa ababengabasizi bayo, uMehumani, uBhizitha, uHaribhora, uBhigitha, u-Abigitha, uZethari noKarikhasi,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngosuku lwesikhombisa, lapho inhliziyo yenkosi isithokoza ngewayini, yayala oMehumani, noBizitha, noHaribona, noBigitha, no-Abagitha, noZethari, noKarikasi, izinduna eziyisikhombisa ezazikhonza ebusweni buka-Ahashiveroshi inkosi

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kwathi ngosuku lwesikhombisa inhliziyo yenkosi isithokozile ngenxa yewayini, yayala oMehumani, noBistha, noHarbona, noBigita, no-Abagta, noSethari, noKarkase, izinduna eziyisikhombisa ezazikhonza phambi kwenkosi u-Ahashiveroshi,

Gade chapit la Kopi




Esteri 1:10
16 Referans Kwoze  

UHaribhona omunye wabathenwa ababephambi kwenkosi, wathi: “Kunesigxobo sokuphanyeka eside uHamani asimisele ukuphanyeka kuso uMoridekhayi, indoda eyasindisa impilo yakho, nkosi; singamakhubhithi angama-50 ubude.” Inkosi yayaleza, yathi: “Mphanyekeni kuso!”


Kwathi lapho izinhliziyo zabo sezeneme, bathi: “Bizani uSamsoni ukuze asidlalele.” Bambiza-ke uSamsoni esejele, wadlala phambi kwabo, bambeka phakathi kwezinsika.


Iwayini liyisedeleli, uphuzo olunamandla lungumxokozeli; bonke abadiyazeliswa yilo kabahlakaniphile.


U-Absalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Niyabona-ke, kuyothi lapho selimngene iwayini u-Amnoni, ngiyothi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale, ningesabi, ngokuba niyobe niyalwe yimi ukwenza kanjalo. Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”


Baphakelwa izabelo zabo etafuleni likaJosefa, kodwa esikaBhenjamini sasiphindwe kahlanu kunezabanye. Baphuza, bathokoza naye.


Ukudla kwenzelwe ukwenama, newayini ukuba kuthakaswe, imali iyimpendulo yezinto zonke.


Lawo madoda amabili ahlala, adla, aphuza ndawonye, umukhwe wathi kumkhwenyana: “Ake uvume ukulala namuhla uthokozise inhliziyo yakho.”


UBhowazi wadla, waphuza, wenama, wayesehla eyolala ngasekugcineni kwenqwaba yebhali. URuthi wanyonyoba wembula ingubo ezinyaweni zikaBhowazi, walala lapho.


Indlovukazi uVashiti yabenzela idili abesifazane basesigodlweni senkosi u-Ahasheveroshi.


Izigijimi zashesha njengoba zaziyalwe yinkosi; kwashaywa umthetho enhlokomuzi iShushani. Inkosi noHamani bahlala phansi baphuza, kodwa kwaba nokudideka okukhulu emzini iShushani.


“Akusikho okwamakhosi, Lemuweli, ukuphuza iwayini. Akusikho nje nempela okwababusi ukuthanda uphuzo olunamandla;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite