Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJuda 1:15 - IsiZulu 2020

15 ukubehlulela bonke nokujezisa yonke imiphefumulo ngenxa yemisebenzi yokungamesabi uNkulunkulu, abayenze ngokungahloniphi, nangawo wonke amazwi anesihluku abawakhuluma ngaye; lezi yizoni ezimbi.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 ukuze yahlulele bonke, ijezise bonke abangamesabi uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yonke yabo yokungahloniphi uNkulunkulu abadelela ngayo, nangawo onke amazwi alukhuni izoni ezingamesabi uNkulunkulu eziwakhulumile ngaye.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 ukuba ahlulele bonke, asole bonke abangamesabi uNkulunkulu phakathi kwabo ngazo zonke izenzo zabo zokungamesabi uNkulunkulu abazenzile, nangawo wonke amazwi abo alukhuni izoni ezingamesabi uNkulunkulu eziwakhulume ngaye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ukuba ahlulele bonke, asole bonke abangamesabi uNkulunkulu phakathi kwabo ngazo zonke izenzo zabo zokungamesabi uNkulunkulu abazenzile, nangawo wonke amazwi abo alukhuni izoni ezingamesabi uNkulunkulu eziwakhulume ngaye.

Gade chapit la Kopi




EkaJuda 1:15
35 Referans Kwoze  

Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


ngosuku lapho uNkulunkulu eyakwehlulela izimfihlo zabantu ngokwevangeli lami ngoKhristu uJesu.


Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho ayikujabulise ezinsukwini zobusha bakho. Landela izindlela zenhliziyo yakho, nakho konke okubonwa ngamehlo akho, kodwa khumbula ukuthi uNkulunkulu uzokwehlulela ngazo zonke lezo zinto.


siyazi lokhu, ukuthi umthetho awubekelwanga olungileyo, kodwa abahlubukayo, abangamesabi uNkulunkulu, izoni ezihlazisayo, abadumazayo, ababulala oyise nonina, ababulala abantu,


Umehlulelelani-ke wena umzalwane wakho na? Futhi umedelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwehlulela sikaNkulunkulu.


Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,


ngokuba umisile usuku azakwehlulela ngalo izwe ngokulunga, ngomuntu ammisele khona, lapho enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.”


Uyinikile igunya lokwehlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu.


phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, uzokwehlulela umhlaba. Uzolehlulela ngokulunga izwe, nezizwe ngobuqotho.


Ningabe nisakhuluma ngokuziqhenya, futhi makungaphumi kuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu owazi konke; izenzo zilinganiswa nguye.


UMose wayesethi: “Lapho uSimakade enipha inyama ukuba nidle kusihlwa, nesinkwa esanele ekuseni, kungokuba uSimakade ekuzwile enikhononda ngakho ngaye, thina-ke besingobani? Ukukhononda kwenu anikubhekisile kithi, kodwa kuSimakade.”


Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.” Amen. Woza, Nkosi uJesu!


Ngase ngibona esinye isilo siphuma emhlabeni, sinezimpondo ezimbili ezifana nezewundlu, futhi sikhulumisa okukadrago.


Yibo laba abangabakhonondayo nabasolayo, abahamba ngokubuswa yizinkanuko zabo, bekhuluma amazwi aluwangala, betusa abanye ukuze bazuze.


Kepha uNkulunkulu uyakubahlulela abangaphandle. Mxosheni-ke lo omubi phakathi kwenu.


“Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.


Ngafuna ukwazi kabanzi nangezimpondo ezilishumi ezazisekhanda laso, nolunye olwavelayo, ezawa phambi kwalo ezintathu, lolo phondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma ngokuzigqaja, olwalubukeka lulukhulu kunezinye.


Ngokuba uNkulunkulu uyoyisa yonke imisebenzi ekwahluleleni, nazo zonke izimfihlo, noma ngabe zinhle noma zimbi.


ukuze babajezise ngesijeziso esilotshiweyo. Kuludumo kubo bonke abathembekileyo bakhe. Haleluya!


Bakhulumela futhi, bakhuluma amagama ayiziswana, bonke abenzi bokubi bayazigabisa.


Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini, ulimi lwabo luhamba emhlabeni.


Ukulunga kwakho kukhanye njengelanga; nobulungiswa njengemini.


Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo ngokuzidla nangokweyisa.


Izitha zakho zikhuluma kabi ngawe, zihlambalaza igama lakho.


“ ‘ “Nizikhukhumezile kimi ngomlomo wenu, naphindaphinda amazwi enu. Mina ngizwile.” ’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite