Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 5:8 - IsiZulu 2020

8 Nani-ke bekezelani, niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukubuya kweNkosi sekusondele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Bekezelani nani, niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi kusondele.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Bekezelani nani; niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi kusondele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Bekezelani nani; niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi kusondele.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 5:8
24 Referans Kwoze  

Bazalwane, ningakhonondi omunye ngomunye ukuze ningehlulelwa. Nango umehluleli umi ngasemnyango.


Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukukholwa,


Thula phambi kukaSimakade, umlindele ngesineke; ungakhathazeki ngonempumelelo endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi.


Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele, ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke.


Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.


Lindela uSimakade, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi. Yebo, lindela uSimakade.


Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.” Amen. Woza, Nkosi uJesu!


ukuze izinhliziyo zenu zisimame, zingabi nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu, ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabo bonke abangcwele bayo.


Mina ngiyakubheka uSimakade, ngilindele uNkulunkulu oyakungisindisa; uNkulunkulu wami uyakungizwa.


Sengathi iNkosi ingaziqondisa izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKhristu.


Kepha uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.


Ngizolindela uSimakade, umphefumulo wami uzolinda, ngiyalethemba izwi lakhe.


nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, enguJesu, osihlengayo olakeni oluzayo.


Ngokuba umbono usalokhu ungowesikhathi esinqunyiweyo, uyakushesha ufike esiphethweni, awuyukukhohlisa; nakuba uyakubambezeleka, ulinde, ngokuba impela uyakufika, awuyukwephuza.


Nkulunkulu, ngiyilindele ngokulangazelela insindiso yakho.


Isikhathi sesifikile, usuku selufikile; umthengi makangathokozi, nomthengisi makangalili, ngokuba ulaka luphezu kwaso sonke isixuku sabo.


Ekubekezeleni kwenu, niyakuzuza ukuphila kwenu.”


UJesu wathi kuye: “Uma Mina ngithanda ukuba ahlale ngize ngibuye, uhlushwe yini wena ngalokho na? Wena landela Mina.”


Ngokuba liyini ithemba lethu, ukuthokoza nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu ekufikeni kwakhe, uma kungeyini na?


Igolide lenu nesiliva kugqwalile, nokugqwala kwakho kuzakuba ngubufakazi obumelene nani, kuyakudla inyama yenu njengomlilo. Niqongelele ingcebo ngezinsuku zokugcina.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite