Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 5:14 - IsiZulu 2020

14 Ukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? makabize amalunga ebandla; kabakhuleke phezu kwakhe, bamgcobe ngamafutha ebizweni leNkosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? makabize amalunga ebandla; kabakhuleke phezu kwakhe, bamgcobe ngamafutha ebizweni leNkosi.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 5:14
11 Referans Kwoze  

Bakhipha amadimoni amaningi, bagcoba abaningi abagulayo ngamafutha, babaphulukisa.


Kepha uyise kaPhubhiliyu wayenomkhuhlane, elele phansi. UPawula wangena lapho elele khona, wathandaza, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa.


Bayakubamba izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akuyukuba nangozi kubo, bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”


Kepha uNahamani wathukuthela, wahamba, wathi: “Mina bengithi impela uzophuma eze kimi, ame abize igama likaSimakade, uNkulunkulu wakhe, aphunge ngesandla sakhe phezu kwaleyo ndawo, aphulukise onochoko.


Ngakushiya eKhrethe ngenhloso yokuba uqondise obekusasele, futhi njengalokhu ngakuyala, uqoke amalunga kuyo yonke imizi,


Sebefikile eJerusalema, ibandla, abaphostoli, namalunga babemukela, base bebika ngakho konke uNkulunkulu ayekwenze ngabo.


Sebebakhethele amalunga amabandla ezindaweni ababekuzo, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini abasebekholwa yiyo.


Kepha uPhethro esebakhiphele ngaphandle bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, wayesephendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wavula amehlo akhe, wabona uPhethro, wayesehlala.


Wangena, wabavalela bobabili isicabha, wakhuleka kuSimakade.


Wazelula phezu komntwana kathathu, wakhala kuSimakade, wathi: “Simakade Nkulunkulu wami, umphefumulo walo mntwana mawubuyele kuye.”


Bonke bakwenza, bakuthumela emalungeni ngesandla sikaBharnabha noSawula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite