Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 5:1 - IsiZulu 2020

1 Wozani manje nina bacebileyo; khalani, nikhihle isililo ngenxa yezinhlupheko ezizakunehlela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Minani nina bacebileyo; khalani, nilile ngezinhlupheko eziyakunehlela.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Hambani manje nina bacebileyo, likhale nikhale ngosizi oluzayo phezu kwenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Hambani manje nina bacebileyo, likhale nikhale ngosizi oluzayo phezu kwenu.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 5:1
36 Referans Kwoze  

Othembele engcebeni yakhe uyakuwa, kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe.


Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kodwa ukulunga kuyahlenga ekufeni.


Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunise utshani, imbali ekubo ivuthuke, nobuhle bokubukeka kwayo bunyamalale; kanjalo-ke nesicebi siyakushabalala ezindleleni zaso.


Labo abacebileyo bakhona banobudlova obedlulele, nezakhamuzi zakhona zihubhuza amanga, nolimi lwenkohliso lusemlonyeni wazo.


Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”


Lilani, ngokuba usuku lukaSimakade lusondele; luyofika njengencithakalo evela kuSomandla.


Wozani manje nina enithi: “Namuhla noma ngomuso sizakuya kulo muzi noma kulowaya, sihlale khona kuze kuphele unyaka, sihwebelane, sithole inzuzo.”


Kepha nina nimehlisa isithunzi ompofu. Abacebileyo kabanicindezeli yini, banihudulele ezigcawini na?


“UJeshuruni wakhuluphala, wayesekhahlela; usekhuluphele, uzimukile, futhi uchachambile. Wamshiya uNkulunkulu owamenza, waledelela iDwala lensindiso yakhe.


Jabhani balimi, nikhale nina enilima izimvini ngenxa kakolo nebhali, ngokuba isivuno sensimu sishabalele.


Phaphamani, zidakwa, nikhale, nilile zinkolotshe zewayini, phela iwayini elimnandi selisusiwe emlonyeni wenu.


“ ‘Unyoko wayeyingonyamakazi enjani phakathi kwezingonyama na? Wayebuthisa phakathi kwamabhongo, ondle amawundlu akhe.


Ngalokho bhincani indwangu eyisaka, nikhale, nilile, ngokuba intukuthelo kaSimakade evuthayo ayikasuki kithi.


Yibani lusizi, nibubule, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukububula, nokujabula kube ngukujabha.


Mbathani indwangu eyisaka nina baphristi, nilile, nikhihle isililo nina zikhonzi ze-althare. Wozani nilale ubusuku bonke nembethe indwangu eyisaka nina zinceku zikaNkulunkulu wami. Ngokuba umnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo akusalethwa endlini kaNkulunkulu wenu.


nakubantu, ngesandla sakho, Simakade, abantu abasabelo sabo kulo mhlaba sikulokhu kuphila, nabazisu zabo uzigcwalisa ngalokho obabekele khona, nabashiyela izingane zabo okuningi okusele kubo.


Babhince amasaka kuyo yonke imigwaqo, nasophahleni lwabo, nasezigcawini zabo, bonke bayalila, kugobhoza izinyembezi.


“Ndodana yomuntu, phrofetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘Lilani, nithi: “ ‘ “Maye, ngalolo lusuku!”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite