Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 4:7 - IsiZulu 2020

7 Ngakho-ke thobelani uNkulunkulu, nimelane noSathane, khona eyakunibalekela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Ngakho zehliseleni kuNkulunkulu. Melanani noSathane, khona uyakunibalekela;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngakho zehliseleni kuNkulunkulu. Melanani noSathane, khona uyakunibalekela;

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 4:7
32 Referans Kwoze  

Ningamniki uSathane indawo.


Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo,


Futhi-ke sasinobaba bethu begazi ababesiyala, futhi sibahlonipha. Pho singemthobele ngani kakhulu uYise wawomoya kunobaba, siphile na?


lokhu bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, bafuna ukumisa okwabo ukulunga; abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu.


Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ubukhulu bemisebenzi yakho! Ngenxa yobukhulu bamandla akho, izitha zakho ziyothoba phansi kwakho.


wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.”


Manje ningabi ngontamolukhuni njengawoyihlomkhulu, kodwa mnikeni uSimakade isandla senu, ningene endaweni yakhe engcwele, ayingcwelisa kuze kube phakade, nimkhonze uSimakade uNkulunkulu wenu ukuze ulaka lwakhe oluvuthayo lusuke kini.


Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; yikhona imiphefumulo yenu iyakufumana ukuphumula.


nithobelane ngenxa yokumesaba uKhristu.


Thobelani bonke abantu abasezikhundleni ngenxa yeNkosi, noma ngabe yinkosi njengalokhu isesikhundleni,


kodwa uma ethi: ‘Angithokozi ngawe;’ bheka, ngilapha; makenze kimi lokho akubona kufanele.”


sokuthi uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.


Zikhuze izilwane ezihlala emhlangeni, imihlambi yezinkunzi namankonyane ezizwe, ukuze beze bakukhothamele bonke, bethule kuwe izinhlamvu zesiliva, uhlakaze izizwe ezithokozela ukulwa.


USamuweli wamtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “UnguSimakade; makenze okuhle emehlweni akhe.”


Yisho enkosini nasendlovukazini eyizalayo, uthi: “Yehlani ezihlalweni zenu zobukhosi, ngokuba umqhele wenu wodumo ekhanda uwile.”


Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ngifunga ukuphila kwami, wonke amadolo ayoguqa kimi, nezilimi zonke ziyovuma, uNkulunkulu.’ ”


“Ngalokho, nkosi Agripha, angizange ngingawulaleli umbono wasezulwini,


Kepha vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokho okumele ukwenze.”


uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”


Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite