Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 4:6 - IsiZulu 2020

6 Kepha unikeza umusa kakhulu ngakho, uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kodwa unika umusa ngokwenezela; ngakho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Kodwa ubapha umusa owengeziwe. Ngalokho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kodwa ubapha umusa owengeziwe. Ngalokho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 4:6
34 Referans Kwoze  

Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa.


Izedeleli uyazedelela, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.


Inhliziyo yomuntu iyaziqhenya ngaphambi kokuba abhujiswe, kanti ukuthobeka kwandulela udumo.


Nakuba uSimakade ephakeme, uyamnakekela ophansi; ozidlayo umazi ekude.


Impakamo yomuntu iyomqumba phansi, kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.


Umvuzo wokuthobeka nokwesaba uSimakade wudumo, nengcebo nokuphila.


Ngokuba bonke abaziphakamisayo bayakuthotshiswa; nozithobayo uyakuphakanyiswa.”


Ukuzidla kwabantu kuyothotshiswa, nokuzikhukhumeza kwabantu kuyofojiswa; nguSimakade kuphela oyophakanyiswa ngalolo lusuku.


Uma bekwehlisa isithunzi, uyakuthi: ‘Kungukuphakanyiswa!’ ngokuba uyamsindisa ozithobayo.


“Ngithi kini: lo wabuyela ekhaya elungisisiwe kunomFarisi. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo, uzakuthotshiswa; kodwa ozithobayo, uzakuphakanyiswa.”


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


Uwisile amakhosi ezihlalweni, uphakamisile abantukazana.


Ukwesaba uSimakade kungumyalo wokuhlakanipha, nokuthobeka kwendulela udumo.


Esekuhluphekeni, wanxusa uSimakade uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wokhokho bakhe.


Ningabe nisakhuluma ngokuziqhenya, futhi makungaphumi kuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu owazi konke; izenzo zilinganiswa nguye.


ngenxa yokuba inhliziyo yakho ibe nokuzisola, wazithoba phambi kukaNkulunkulu lapho uzwa amazwi akhe ngale ndawo, nangezakhamuzi zayo, yebo, wazithoba phambi kwami, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, kusho uSimakade.


UHezekiya wayithobisa inhliziyo yakhe eyayisikhukhumele, yena nezakhamuzi zaseJerusalema, ngakho-ke ulaka lukaSimakade alwehlelanga kubo emihleni kaHezekiya.


Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kuthi xaxa, kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.


Akazithobanga phambi kukaSimakade njengoba kwazithoba uManase, uyise, kodwa yena u-Amoni wenza okubi okuningi.


Manje ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba ukhulule abantu bakhe kwabaseGibhithe, lapho bebebaphethe khona ngokubaqonela.”


“Ngakushiya okwesikhashana, kodwa ngomusa omkhulu ngizokuqoqa.


Ungumphindiseli, uyabakhumbula, akabakhohlwa abahluphekileyo nabathobekile, akakukhohlwa ukukhala kwabo.


Umkhuleko wakhe nokunxusa kwakhe uNkulunkulu, zonke izono zakhe, konke ukungethembeki kwakhe nezindawo eziphakemeyo azakha, wamisa o-Ashera nezithombe ezibaziweyo, ngesikhathi engakazithobi; bheka, konke lokho kulotshwe ezindabeni zikaHozayi.


Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite