Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 4:3 - IsiZulu 2020

3 Niyacela, kodwa anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusaphaze ezinkanukweni zenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 niyacela, nokho anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Niyacela, kepha anikwamukeli, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusebenzise ezinkanukweni zenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Niyacela, kepha anikwamukeli, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusebenzise ezinkanukweni zenu.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 4:3
25 Referans Kwoze  

Yilesi isibindi esinaso kuye sokuthi uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.


nalokho esikucelayo Yena uyakusamukelisa khona, ngokuba siyigcina imiyalo yakhe, futhi senza okuthandekayo kuye.


Zivelaphi izimpi nokulwa phakathi kwenu na? Akuveli yini ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na?


Ngakho-ke bayakukhala kuSimakade, kodwa akayukubaphendula. Uyakubafihlela ubuso bakhe ngaleso sikhathi, ngenxa yokwenza kwabo izenzo ezimbi.


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.


Ovala indlebe ekukhaleni kwabampofu, naye uyokhala angaphendulwa.


Abantu akabaphenduli uma bekhala, ngenxa yokuzikhukhumeza kwezikhohlakali.


“ ‘Kwathi nakuba ebabiza, kodwa abalalelanga, kanjalo-ke nabo bayakungibiza, kepha angiyukubalalela,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.


“Kwathi emva kwezinsukwana nje, indodana encane yaqoqa konke okungokwayo yahamba, yaya ezweni elikude, yafike yalisaphaza ifa layo, iphila ngendlela eyonakeleyo.


Kepha uJesu wathi kubo: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engisiphuzayo, nibhabhadiswe ngombhabhadiso engibhabhadiswa ngawo na?”


UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?” Bathi kuye: “Singasiphuza.”


“Ngalokho-ke ungabakhulekeli laba bantu, ungabenzeli izinxuso; ungabakhulekeli, ngokuba angiyukubalalela mhla bekhala kimi ngenhlekelele yabo.


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso; kakhulu kangakanani-ke uma ulethwa ngenhloso embi.


khona bayakungibiza, kodwa angiyukuphendula; bayakungifunisisa, kodwa ngeke bangifumane,


Bayakuzila ukudla, kodwa angiyukuzwa ukunxusa kwabo; bayakunikela ngomnikelo wokushiswa nangowokusanhlamvu; angiyukuthokoza ngabo, kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane.”


Bakhala, kodwa akubangabikho obasindisayo, bakhala nakuSimakade, kepha akaze abaphendula.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwabo abangayukuphunyuka kuyo; bayakukhala kimi, kepha angiyukubezwa.


Kepha kuthe ukuba kufike le ndodana yakho ebhubhudle ifa lakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.’


UNkulunkulu wathi kuye: “Ngokuba ucele lokho, awuzange uzicelele impilo ende, noma ingcebo, noma ucele ukuba kufe izitha zakho, kodwa ucele ukuqonda lapho wehlulela;


Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite