Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 4:10 - IsiZulu 2020

10 Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Zithobeni phambi kweNkosi, njalo izaliphakamisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Zithobeni phambi kweNkosi, njalo izaliphakamisa.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 4:10
19 Referans Kwoze  

USimakade uyabaphakamisa abathobekileyo, izikhohlakali uziqumba phansi.


Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa.


Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo,


Ngokuba bonke abaziphakamisayo bayakuthotshiswa; nozithobayo uyakuphakanyiswa.”


Uma bekwehlisa isithunzi, uyakuthi: ‘Kungukuphakanyiswa!’ ngokuba uyamsindisa ozithobayo.


Uvusa ontulayo othulini, amphakamise ompofu ezaleni,


Uwisile amakhosi ezihlalweni, uphakamisile abantukazana.


“Ngithi kini: lo wabuyela ekhaya elungisisiwe kunomFarisi. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo, uzakuthotshiswa; kodwa ozithobayo, uzakuphakanyiswa.”


Namanje ikhanda lami lizakuphakama phezu kwezitha zami ezingizungezile. Ngizonikela ngemihlatshelo, ngihlokome ngentokozo ngisethendeni lakhe. Ngihlabelele, ngidumise uSimakade ngokhehlegume.


Ngiyakuphakamisa Simakade, ngokuba ungitakulile, awuvumanga ukuba izitha zami zithokoze ngami.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.


Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho, ubeluse, ubathwale, kuze kube phakade.


UMose no-Aroni baya kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu wamaHebheru uthi: ‘Kuyoze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Vumela abantu bami ukuba bahambe, ukuze bayongikhonza.


USimakade wenza abampofu bacebe; uyathobisa, bese ephakamisa.


bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ngisezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.


ukuze aphakamise abaphansi, aphakamisele phezulu, endaweni ephephileyo, abakhalayo.


Impakamo yomuntu iyomqumba phansi, kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.


isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Khumula umshuqulu, wethule umqhele wakho, akusezukufana nakuqala. Phakamisa okuthobekileyo, uthobise okuphakemeyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite