Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 3:5 - IsiZulu 2020

5 Lunjalo-ke nolimi, luyisitho esincane, kodwa luzigabisa kakhulu. Phela inhlansana nje ingathungela ihlathi elikhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Lunjalo nolimi; luyisitho esincane, kanti luyazigabisa kakhulu. Bhekani umlilo omncane uvuthisa ihlathi elingaka;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Kanjalo nolimi luyisitho esincane, kepha luyazidla kakhulu. Bhekani, umlilo omncane uvutha kangakanani!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kanjalo nolimi luyisitho esincane, kepha luyazidla kakhulu. Bhekani, umlilo omncane uvutha kangakanani!

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 3:5
25 Referans Kwoze  

Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.


Ukukhuluma kwabanye ngokuhlaphaza kufana nokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphileyo luyaphilisa.


Ulimi lwabahlakaniphileyo lukhombisa ulwazi oluhle, kodwa umlomo weziwula uphafuza ubuwula.


Zivalile izinhliziyo zazo, azinasihe, zikhuluma zizigqaja ngemilomo yazo.


Yibo laba abangabakhonondayo nabasolayo, abahamba ngokubuswa yizinkanuko zabo, bekhuluma amazwi aluwangala, betusa abanye ukuze bazuze.


Base bethi: “Wozani simakhele uzungu uJeremiya, ngokuba umyalelo awuyukulahleka ngomphristi, ukweluleka ngohlakaniphileyo, nezwi ngomphrofethi; wozani simhlasele ngamazwi ethu, singalinaki nelilodwa lamazwi akhe.”


Isikhohlakali siyazigabisa ngokufiswa yinhliziyo yaso. Abanomhobholo bayaqanganisa, bedelela uSimakade.


“Ndodana yomuntu, yisho kumbusi waseThire, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Uqhoshile enhliziyweni yakho, wathi: “ ‘ “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sonkulunkulu, phakathi olwandle.” “ ‘Ingani wena ungumuntu nje, awusiye unkulunkulu, nakuba wenze inhliziyo yakho yaba njengekankulunkulu.


Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo.


Inkosi yathatha, yathi: “Angithi yileli Bhabhele elikhulu engilakhileyo ukuba libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami na?”


ezazithi kuNkulunkulu: ‘Suka kithi; uSomandla angenzani na?’


“Isitha sathi: ‘Ngizokubahubha, ngize ngibafice, ngehlukanise impango, ngizitike ngize ngidele ngabo. Ngiyakuhosha inkemba yami, isandla sami sibabhubhise.’


Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, ugubhu, igemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngaso leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu onganophula esandleni sami na?”


ukhulume uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Bheka, ngimelene nawe Faro, nkosi yaseGibhithe, silwanekazi sasolwandle, obuthisa emifuleni yakho, uthi: “ ‘ “Umfula ungowami, ngiwenze mina.”


Kepha uFaro wathi: “Ungubani uSimakade ukuthi ngingalalela izwi lakhe, ngivumele u-Israyeli ahambe na? Angimazi uSimakade, futhi anginakumdedela u-Israyeli ahambe.”


Ngithe: “Ngizoqaphela izindlela zami, ukuze ngingoni ngolimi lwami; umlomo wami ngizowufaka isimfonyo, inkani nje uma kunababi phambi kwami.”


Ngaphandle kwezikhuni, umlilo uyacima, kanjalo lapho kungekho khona abahlebayo, ingxabano iyaphela.


Bhekani, nemikhumbi njengoba imikhulu nje, idudulwa yimimoya enamandla, iqondiswe ngumshayeli ngephini elincane, iye lapho efuna ukuba iye khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite