Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




EkaJakobe 3:17 - IsiZulu 2020

17 Kepha ukuhlakanipha okuvela phezulu okokuqala nje, kuhlanzekile, bese kuba nokuthula, uzwela, ukulalela, futhi kugcwele ububele nezithelo ezinhle; akunalubandlululo nakuzenzisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi.

Gade chapit la Kopi




EkaJakobe 3:17
63 Referans Kwoze  

Ngokuba uSimakade uyokupha ukuhlakanipha, emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.


Lokho kuhlakanipha akuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, okwemvelo nokwamadimoni,


Uthando malungabi nakuzenzisa; nyanyani okubi, nibambelele kokuhle.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho.


Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangokukhuluma nje, kodwa makubonakale ngezenzo nangeqiniso.


Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, ukuze uthando lwenu lobuzalwane lungabi nakuzenzisa; nithandane ngokuphelele, omunye nomunye, kuqubuka enhliziyweni emhlophe.


Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo, ngokuba bayakumbona uNkulunkulu.


Bonke abanalelo themba kuye, bayazihlambulula, njengokuba Yena ehlambulukile.


ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani.


Yibani nesihawu, njengalokhu uYihlo enesihawu.


Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi.


Inceku yeNkosi ayifanele ukulwa, kodwa ifanele ibe mnene kubo bonke, ibe nekhono lokufundisa, ibekezele,


Ngakho-ke lahlani bonke ububi, bonke ubuqili, ukuzenzisa, umhawu, nakho konke ukunyembenya.


Anibandlululanga yini phakathi kwenu, naba ngabehluleli abanemidlinzo emibi na?


Ukuyala konke esikhathini samanje akusiyo into emnandi, kodwa kubuhlungu, ekugcineni kuyabathelela isithelo sokuthula nokulunga labo abaqeqeshwe yikho.


ukuze nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo kuyo yonke imisebenzi elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,


Kepha nami bazalwane bami, nginesiqiniseko ngani ukuthi nani uqobo nigcwele ukulunga, nigcwalisiwe ngalo lonke ulwazi, futhi ninamandla okuyalana.


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”


Kuphela nje, sengathi uSimakade angakupha ukuhlakanipha nokuqonda, akuyale ngo-Israyeli ukuba ugcine umthetho kaSimakade uNkulunkulu wakho.


Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya.


UNkulunkulu uyayiqonda indlela yakho, uyayazi indawo yakho.


Sondelani kuNkulunkulu, naye uyakusondela kini. Hlanzani izandla, nina zoni, nihlambulule izinhliziyo, nina bonhliziyombili.


Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKhristu uJesu nezingelosi ezikhethiweyo, ukuba ulondoloze lezi zinto, ungabandlululi, futhi ungenzi lutho ngokukhetha.


Wayeyindoda elungile, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.


Kanjalo nani; ingaphandle lenu libonakala kubantu lilungile, kanti ingaphakathi lenu ligcwele ukuzenzisa nobubi.


nakuba sasingaba yisisindo kini njengoba singabaphostoli bakaKhristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengonina onakekela abantwana bakhe.


Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, uma kukhona okuhle, noma okubongekayo, zindlani ngakho.


nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ngaye uJesu Khristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.


EJopha kwakukhona owesifazane othile okholwayo, ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uma lihunyushwa uDokhasi; wayenemisebenzi eminingi emihle, futhi abela abampofu izipho.


UJesu wambona uNathaniyeli eza kuye, wakhuluma ngaye wathi: “Nangu-ke umIsrayeli woqobo, ongenankohliso.”


ULizwi waba ngumuntu, wahlala phakathi kwethu. Sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo yozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Siyakuhlala sicwengisise, sihlanze isiliva. Siyakuhlanza abaLevi sibacwenge njengegolide nesiliva, ukuze banikele iminikelo kuSimakade ngokulunga.


“Ngalokho-ke Mina nginenze nadeleleka, nathotshiswa phambi kwabo bonke abantu, ngoba ningazigcinanga izindlela zami, futhi niyenzelela emthethweni.”


Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.


Ngakho-ke yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukuze ikwazi ukubusa abantu bakho, ikwazi ukwehlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ngokuba ngubani ongabusa lesi sizwe sakho esikhulu kangaka na?”


UMose wabiza uBhezaleli, u-Oholiyabhe nabo bonke abanekhono, uSimakade ayebaphe ukuhlakanipha, bonke ababenhliziyo zifisa ukuba bazokwenza lo msebenzi.


bangahlambalazi muntu, bangabi ngophumasilwe, kodwa babe nenhliziyo enhle, babe mnene kubo bonke abantu.


Kwabahlanzekileyo konke kuhlanzekile, kepha kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho lutho oluhlanzekileyo, kodwa kungcole ingqondo nonembeza wabo.


Uma kungenzeka, hlalani ngokuthula nabantu bonke.


Ngokuba isiwula sikhuluma ubuwula, nengqondo yaso iceba ububi, yenza ukungalungi, ikhulume okuphambeneyo noNkulunkulu, ingamsuthisi olambileyo nowomileyo imncishe okuphuzwayo.


Uyokwehlulela phakathi kwezizwe, axazulule imibango yezizwe eziningi. Ziyocangcatha izinkemba zazo zibe ngamageja, nemikhonto yazo ibe ngocelemba. Isizwe asiyukuphakamisela esinye inkemba, zingabe zisaviviselwa ukulwa.


Bheka, uzozalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula. Ngiyakumnika ukuthula ezitheni zakhe nxazonke, ngokuba igama lakhe uyakuba nguSolomoni, ngiyakunika u-Israyeli ukuthula noxolo ngezinsuku zakhe.


U-Israyeli wonke wezwa ngaleso sehlulelo esasenziwe yinkosi, wayesaba inkosi ngokuba wabona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakunayo ekwehluleleni kwayo.


uyabona-ke, ngenzile njengokwezwi lakho. Ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda; okungazange kube khona namunye owake wafana nawe phambilini, futhi okungayikuba bikho oyovela emva kwakho.


ngokuba isithelo sokukhanya sisebuhleni bonke, ekulungeni naseqinisweni;


Mina Pawula uqobo, ngiyanincenga ngobumnene nangobubele bukaKhristu. Mina engithobile uma ngiphambi kwenu, kodwa uma ngingekho phambi kwenu nginesibindi.


Kepha lowo onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa, uyakuninika ngokuphindiwe inhlwanyelo yenu, aphinde andise isivuno sokulunga kwenu,


Iyokwelusa umhlambi wayo njengomelusi, iqoqe izimvana ngezingalo zayo, izigone esifubeni sayo, ihole ngesinono izindlezane.


“Kepha kutholakalaphi ukuhlakanipha na? Ikuphi indawo yokuqonda na?


Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa ngabantwana bakaNkulunkulu.


ngenhlanzeko, ngolwazi, ngokubekezela, ngobumnene, ngoMoya oNgcwele, ngothando olungazenzisi,


Ake nibheke nje ukuthi ukudabukiswa kwenu nguNkulunkulu kwanenza naba nokukhuthala okukhulu kanjani; yebo, nokuziphendulela, ukuthukuthela, ukwesaba, ukulangazela, ukushisekela nokuphindisela. Kukho konke nizibonakalise nimhlophe kule ndaba.


Ngokuba ukwehlulela akuyukuba nasihawu kulowo ongabanga nesihe; isihawu siyakunqoba phezu kokwehlulela.


Zinceku, bathobeleni abaqashi benu ngokwesaba konke, kungabi nje kwabalungileyo nabamnene kuphela, kodwa nalabo abanesihluku.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite